26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngokuqondisisa kuncike olwazini umfundi avele enalo kumbe ulwazi lwezinto umfundi

aphila nazo, azibona imihla ngemihla. Lokhu kungenxa yokuthi ulwazi umfundi avele

enalo angakwazi ukuluveza ngamagama. Lapho izincazelo zamagama umfundi engazazi,

lokhu kusho ukuthi umfundi akanalo ulwazi ngalawo magama, kumbe akakaze

ahlangabezane nawo. Ngakho-ke ngaphandle kolwazi lwalawo magama, kungebe lula

ukuxhumana (Duffy, 2009, pp. 14-15).

Okusemqoka kakhulu ngokufundisa ulwazimagama ukuthi kungakhuphula izinga

lokufunda ngokuqondisisa (Stahl & Fairbanks, 1986). Abacwaningi abaningi bavumelana

ngokuthi ulwazimagama luneqhaza elikhulu okulibambile kubafundi abaningi

abangaphumeleli esikoleni, ikakhulukazi labo bantwana abavela emindenini ehlwempu

(Biemiller, 2001; Biemiller & Slonim, 2001; Hirsch, 2001; Dickinson & Neuman, 2006;

NRP, 2000). Isibonelo, umntwana oneminyaka emine yobudala ovela emndenini ompofu

kungasho ukuthi ulahlekelwe ulwazimagama lwamagama ayizi-13 000 000 (13 million)

lapho eqhathaniswa nomntwana ovela ekhaya elimi kahle (othola izinto eziyimibhalo

eyahlukene futhi elekelelwa ngabazali) kanye nayizi-30 000 000 (30 million) amagama

esephelele ewonke nje nalawo okungadingekile ukuthi aze azi izincazelo zawo lapho

eqhathaniswa nomfundi ovela emndenini wabantu abasebenzayo (Hart & Risley, 1995;

Block & Israel, 2005). Kanti i-National Reading Panel (2000) eMelika yathola ukuthi

ukufundisa ulwazimagama kubalulekile kakhulu kumntwana ukuba akwazi ukufunda

ngokuqondisisa.

4.7.4.1.4 UKUFUNDA NGOKUNGANGINGIZI/ NGOKUNGANQIKAZI (FLUENCY)

Ukufunda ngokungangingizi noma ngokunganqikazi (fluency) kusho ukukwazi ukufunda

amagama kahle nangesivinini kodwa ube uwaqonda, kanti futhi kuyinto esemqoka lapho

kufundwa okubhaliwe okunenhloso yokuqondisisa. U-Answers.com (2009) uchaza

ukufunda ngokungangingizi njengokukwazi ukufunda, ukubhala, ukukhuluma kanye

nokuqonda lokho okukhulunywa kusheshwa, ngaphandle kokungingiza, futhi ofundayo

afunde ngendlela egelezayo kungabi bikho ukuthiyeka. Uma abantwana befunda

ngokubala amagama, bafunde igama ngalinye, kusho ukuthi banobunzima ekufundeni

144

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!