26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

years play, or should play, a critical role in the development of reading

comprehension... (p. 241)

Ngakho-ke othisha lapho belahlekelwe ngokuyiyona njongo yabakwenzayo lapho

befundisa okubhaliwe, kusho ukuthi abasibo abakhombi bendlela abalungileyo enganeni,

ngoba bayehluleka ukuyihola ukuba ikwazi ukufunda okubhaliwe ngempumelelo.

Kwabonakala ukuthi nalapho othisha bechazela abafundi ngezincazelo zamagama,

bakwenza lokhu bengakawuqali ukuwufunda umbhalo (labo ababili ababenezincwadi

ezimbalwa zokufunda). Kanti labo abagxila emisindweni nakuba amanye evela kuzo

izingane kodwa asukela emoyeni ngoba kusuke kungekho mbhalo ofundwayo.

Abawachazi lawo magama ngesikhathi umbhalo ufundwa. Lokhu kwakungawakhi

umqondo ngoba lawo magama kuba uhlu nje lwawo, achazwe-ke nguthisha, ngaphandle

kokuthi asetshenziswe esembhalweni kumbe kukhonjiswe kahle nokusetshenziswa

kwawo ngendlela egculisayo ukuze izingane zithole ithuba lokuwasebenzisa. UGraves

(2006) uthi:

One way to build students’ vocabularies is to immerse them in a rich array of

language experience so that they learn words through listening, speaking,

reading, and writing. (p. 5).

Kanti futhi lokhu abakwenzayo kuphambene ne-social constructivism kaVygotsky (1978)

ngoba i-socio-constructivism igcizelela ukuthi ukufunda kwenzeka endaweni lapho

umfundi kanye nokwenzeka emphakathini nosikompilo kuhlangana, umfundi kuleyo

ndawo kunguyena obambe iqhaza elibalulekile ekwakheni umqondo wokufundwayo,

njengoba sengike ngachaza phambilini (Wilson & Yang, 2006). Ngale ndlela uHarry

(2003), ubeka ukuthi bobabili uthisha nengane lapho kwakhiwa khona umqondo

wokufundwayo, babamba iqhaza elibalulekile. Ngamanye amazwi lokhu futhi

kuyakugqamisa ukungabi nalwazi ngenjongo yokufunda okubhaliwe ngokwama-social

constructivists, ngoba ezifundweni zothisha abaningi lalingabonakali iqhaza elibalulekile

elalibanjwe yizingane. Okwakwenzeka nje uthisha nguyena ‘oyinjini yolwazi’ njengoba

sengike ngaveza.

289

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!