26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

La mazwi akhombisa ukuthi kade yaba khona inkinga yokufundisa ukufunda okubhaliwe

emabangeni aphansi, okuyiyona ndawo lapho isisekelo esiqinile sokufunda kufanele sibe

khona. Kanti uParis benoHamilton (2009), bavumelana ngokuthi “decoding is necessary

but not sufficient for reading comprehension” (pp. 32-53). La mazwi afakazela khona

ukuthi ukufundisa imisindo nezimelamsindo akwanele kukodwa ekufinyeleliseni ingane

kokuyiyona njongo yokufunda okubhaliwe. Le ndlela yokubuka ukufunda okubhaliwe

yaze yashintsha ngonyaka we-1978 lapho uDurkin eqhamuka nencazelo entsha

yokuchaza ukufunda okubhaliwe ngokukuqondisisa wabeka ukuthi:

Reading is the essence of reading and as the process in which [even young]

readers construct meaning in interacting with the text through a combination

of prior knowledge and previous experience, information available in the

text; the stance taken in relation to the text; and an immediate, remembered

or anticipated social interaction and communication. The meanings of words

cannot be added up to give the meaning of the whole. The click of

comprehension occurs when the reader evolves a schema that explains the

whole message (p. 482).

Ngakho-ke kulolu cwaningo kuyabonakala ukuthi othisha abafundisi izingane ukuba

zifunde okubhaliwe zakhe umqondo ngezikufundayo ngenxa yokuthi abanalo ulwazi

olwanele ngezinhloso zokufundisa ukufunda okubhaliwe, yingakho nje begxila

emisindweni, emagameni nasemishweni emifushane engenabo ubudlelwane bokuba

umbhalo ohlangene. Lokhu kubonakala nangokuthi lapho befundisa izingane ukwakha

amagama, kube yinto elukhuni ezinganeni, ngenxa yokut hi othisha abalekeleli izingane

ukuba zikuzwe ukufunda kumnandi, kulula futhi kusamdlalo njengoba phela zisencane.

UMorrow (2005) ugcizelela ukuthi umsebenzi wokwakha amagama kubafundi

abasebancane basezingeni eliphansi kumele kube yinto esamdlalo futhi nesondelene

nabakubonayo emphakathini. Ngale ndlela, nanxa kwake kwenzeka isifundo saba

samdlalo kuthisha oyedwa, futhi kwenzeka usuku olulodwa, lokhu kukhombisa ukuthi

izingane azikuthokozeli ukufunda okubhaliwe ngoba ‘kuyinto elukhuni’. Ngamanye

amazwi, ngenxa yokungabi nolwazi olwanele ngezinhloso zokufunda okubhaliwe othisha

abazilekeleli ngokwenele izingane ukuba zibe ngabafundi bemibhalo abasezingeni

286

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!