26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Fig. 19 Imisho eyayigcwaliswa ngabafundi bebanga lesithathu

Gcwalisa ngegama elino ngw

Umkhulu unengwevu ekhanda.

1 -------- ihlala emanzini.

2 --------- wakhe eduze nomfula.

3 --------- idla ngamabala.

4 Ingane iphethwe---------.

5 Kukhona ingidi---------.

Amagama ababekhetha kuwo yilawa: ingwenya, uNgwane, ingwe,

ingwici, esangweni.

7.2.1.2.3 NGOLWESITHATHU

Ngosuku lwesithathu uthisha wathi eqeda ukubingelela abafundi wabe esenamathisela

amagama abhalwe emaphepheni asikiwe ebhodini. Ngakwelinye icala uthisha wabhala

imisho. Wabe esethi mabayifunde bayigcwalise ngamagama afanele. Le misho

yayizoqedelwa ngamagama anomsindo ka ‘ngw’. Emva kwalokhu wabe esekhumbuza

abantwana ngengwenya ababekade bexoxe ngayo kusukela ngoMsombuluko:

T: Ake nisho-ke yini eniyikhumbulayo kulokhu ebesikufunda ngengwenya?

(Abafundi bayaphendula)

L: Ingwenya ihlala emanzini.

L: Izingwenya zidla izinhlanzi nezinye izilwane.

L: Nabantu iyabadla uma ilambile noma uma bewela umfula.

Emva kwalokhu uthisha wabe esetshela abafundi ukuba bakhiphe izindaba zabo

ezikhuluma ngengwenya, okuyindaba eyabe ibhalwe nguthisha ngesandla ephepheni

yabe seyikopishelwa abafundi. Iqembu neqembu lalinayo indaba. Yayinemisho embalwa

le ndaba futhi kuyindaba efanayo kuwo onke amaqembu. Uthisha wabafundela kuqala

abafundi. Wayefunda umusho angawuqedeli, bona bese beqedela. Yaze yaphela indaba

kwenzeka kanjalo. Emva kwalokho uthisha watshela abafundi ukuba bafunde bonke

njengekilasi. Babuye bafunda ngabane, ngababili, kwaze kwagcina befunda ngayedwa.

240

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!