26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

zonke izinsuku. Uma abafundi sebefundile bonke uthisha wayekhomba umfundi ukuba

ayofunda ebhodini, noma encwadini uma isifundo sasisencwadini ngalelo langa.

Abafundi ababala amagama lapho befunda nabangingizayo kwakuba yinduku yodwa.

Lapho-ke ofundayo eseshayiwe wayefunda ekhala, ejeqeza ukuthi ingase iphinde ikhale

futhi ekhanda noma emhlane induku.

Indlela okwakufundwa ngayo kusukela ebangeni lokuqala, kwakuba ukuthi uthisha

afundise onkamisa. Babefundwa-ke lab’onkamisa cishe kuphele iviki lonke kufundwa

onkamisa (a,e,i,o,u). Ngalo lelo sonto kwakuba ukuthi kufakwa umsindo omusha, njengo

‘m’, uthisha akhombise ukuthi usebenza kanjani lo msindo nalab’onkamisa.

Kwakunencwadi eyayifundwa kuzo zonke izikole okwakuthiwa u‘Masihambisane’

eyayibhalwe ngu-J.A.W. Nxumalo (1962), eyayifundwa kuze kufike ebangeni lesine.

Eyebanga lokuqala yayidle ngokufundwa kwezinhlamvu ezahlukene, ezazihambisana

nendaba kanye nesithombe. Yayinezithombe ezinemibala eyebanga lokuqala, kodwa

eyebanga lesibili kuya kwelesine wawungekho umbala. Izindaba ezaziphakathi

zazimnandi, ezinye zidabukisa. Uthisha wayesebenzisa kakhulu induku lapho kufundwa

ukufunda okubhaliwe kulabo bafundi ababehlulwa ukufunda incwadi leyo eyabe

ifundwa. Abanye babeshaywa baze bazichamele ekilasini ngenxa yokuhluleka ukufunda.

Ngenxa yalokhu kwakuba yisililo sodwa ekilasini. Ohlulekayo ukufunda noma

ukuphimisa kahle amagama wayephela yinduku. Kuleyo naleyo ndaba kwakuye kube

nomsindo /uhlamvu oluthile olugqamile kuleso siqephu.

Ebangeni lesithathu nelesine kwakuye kube yizindaba nje ezixube yonke imisindo

ngendlela yokuthi kungabi bikho umsindo obonakala ugqamile kuneminye kuleyo

ndaba. Abafundi abangenazo izinkinga zokufunda kwakube sebeyifunda baphume ngale

indaba. Lokho kwakungekhona ukuthi bayifunda ngokuyiqonda. Kwakufana nokuthi

bazifundela nje amagama alandelanayo njengoba emile emishweni kuleyo ndaba.

Ukuwaqonda kwakungasho lutho, uma nje umfundi wayezokwazi ukuwasho kahle lawo

magama. Nakuba ayekhona ayengewaqonde, babengebaningi othisha ababekubona

ukubaluleka kokulekelela umfundi ukuthi afunde ngokuqonda akufundayo,

nababenezindlela zokumsiza umfundi othwele kanzima ekufundeni.

32

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!