26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Nalapho sengenza ucwaningo, okwakwenzeka esikoleni sokuqala, akuzange kwaziwe

ngabasesikoleni sesibili. Ngabanikeza isiqiniseko sokuthi ulwazi ababezonginikeza lona

lwaluzoba yimfihlo kakhulu futhi kwakungeyukwenzeka ukuba nanoma yiluphi ulwazi

ababelunikezile luhlanganiswe nabo ngenxa yokuthi amagama abo, namagama ezikole

zabo kwakungezukudalulwa noma ngayiphi indlela, ngaphandle kuphela uma

kwakungaba ngemvume yabo.

Ngale kwalokhu, ngabachazela nangokwakuzokwenzeka ngesikhathi socwaningo,

njengokusetshenziswa kwesiqophamazwi nesithwebulizithombe. Kodwa-ke lokhu

ngabachazela ukuthi babenelungelo lokusho lapho bengathandi ukuqoshwa

nokuthwetshulwa khona uma babengakhululekile ngakho. Ngaqinisekisa ukuthi akekho

owayezophatheka kabi ngesikhathi salolu cwaningo kumbe abe nokuthile

ayengezukugculiseka ngakho ngesikhathi sezingxoxo engangizoba nazo

nabacwaningwayo, nangesikhathi sengibabuka befundisa emakilasini okuyinto

eyayizokwenzeka uma babevuma ukubamba iqhaza ocwaningweni.

Angigcinanga ngokubabhalela ababezobamba iqhaza ocwaningweni kanye

nababhekimasango, kodwa ngabuye ngenza nemihlangano nabo, ngibachazela ngengabe

ngikushilo ezincwadini engangibabhalele zona. Lokhu kwasiza ekutheni ngithole ithuba

lokuphendula imibuzo ababenayo othisha ngokwenziwa kocwaningo esikoleni sabo.

Ngesikhathi omunye ebuza ukuthi zabe zingekho yini izikole ngalapho engihlala

ngakhona; ngaphendula ngokuthi ngabe ngihlala eduze nezikole lapho isiZulu

singafundiswa khona njengolimi lwasekhaya, kodwa njengolimi lokwethekelwa, kanti

inhloso yocwaningo kwakuwukucwaninga ukufundiswa kokufunda okubhaliwe olimini

lwasekhaya kuso isiZulu.

Bebuza ukuthi zazingekho yini ezazisondelene nalapho ngihlala khona izikole lapho

isiZulu sifundiswa njengolimi lwasekhaya, ngachaza ukuthi kuwo onke amalokishi

aboMdabu aseThekwini, uMlazi yiyona ndawo engicishe ngiyijwayele njengoba

ngangingakaze ngilubhade kulawa amanye amalokishi, ngenxa yokuthi indawo engihlala

kuyo ngangingakayijwayeli, kodwa ngijwayele yona indawo yaseMlazi njengoba

103

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!