26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

5.2.5.2 UKUFUNDISA IZINCAZELO ZAMAGAMA

Kubo bonke othisha ababeyingxenye yocwaningo, kwagqama ukuthi othisha

bayazifundisa izingane ukuba zazi izincazelo zamagama aphathelene nesifundo futhi

anomsindo okusuke kugxilwe kuwo ngalelo viki, kumbe athintekayo kuleso sifundo.

Lawo magama baye babafundise ngoba kusuke kufanele bawazi, kuzoba lula lapho

sebehlangabezana nawo endabeni abazoyifunda noma abayifundayo. Othisha bebanga

lesithathu babeka ukuthi bafundisa amagama okumele abafundi bawazi ingakafundwa

indaba, ukuze beqambe bethi bafunda indaba, bebe sebewazi, bazi nezincazelo zawo.

Lokhu kwavela kubo bonke othisha abebeyingxenye yocwaningo. Lapho uthisha efundisa

izincazelo zamagama, akavele nje akhulume ngalelo gama kuphela, kodwa ukhombisa

ngisho nalapho lingakwazi ukusebenziseka khona. Ngaleso sikhathi uthisha uzama

ukwakha isithombe engqondweni yezingane ngalelo gama. Uthisha uNtombifuthi uchaza

kanje:

Kanti kwesinye isikhathi kwa-Grade 3 siqala ngokubukeza okwakwa Grade

2, sichaze amagama size siwabhale phansi, singakangeni endabeni,

siwachaze, siwabhale ebhodini, baze bawazi, bathi beqambe bengena

endabeni bebe sebewafundile amagama. Okunye esikwenzayo ukuthi izinto

ezisendlini yokufundela sizilebule, sizibhale amagama azo ukuthi ziyini.

Kuyasiza kakhulu lokho.

Njengoba nocwaningo lusho, ulwazi lwezincazelo zamagama lubalulekile ekufundiseni

ukufunda okubhaliwe. Ucwaningo luyafakaza ukuthi lokhu kungakhuphula izinga

lokufunda ngokuqondisisa kubafundi (Stahl & Fairbanks, 1986; Biemiller, 2001;

Biemiller & Slonim, 2001; Hirsch, 2001; Dickinson & Neuman, 2006; NRP, 2000).

Nokho-ke ucwaningo luyagcizelela ukuthi ulwazi lwezincazelo zamagama noma

ulwazimagama kumele kufundiswe ngesikhathi umbhalo ofundwayo kuqhutshekwa

nokuwufunda, kunokuba uthisha afundise izingane ulwazimagama / izincazelo

zamagama ngaphambi kokuba umbhalo uqalwe ukufundwa (Pressley & Hilden, 2006;

Snowling & Hulme, 2007; Duffy, 2009; Lehr et al, 2008; Makar & Philpot, 2004;

Dickinson & Neuman, 2006; Block & Israel, 2005).

183

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!