26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ulwazi olusha nolwazi abavele benalo (inferences) lapho befunda imibhalo. (Knuth &

Jones, 1991). Ngale ndlela, othisha njengabaholi babafundi, balekelela abafundi

ekufundeni, babanike amakhono okufunda ngokuzimela, bakhe izifundo ezihambelana

nezinga lokukhula labafundi, nahambisana nezidingo zabo (Blumenfeld et al, 1991;

Bharuthram, 2006; Bloome, 1993). Lo mbono uqhakambisa umbhali, umfundi, umbhalo,

kanye nendawo okufundwa kuyo (Kukan & Beck, 1997).

Ngale ndlela injulalwazi i-social constructivist iqhamuka nombono othe ukwehluka,

lapho ukufunda nokubhala kukhuthazwa futhi kubukwa njengezinto ezihlobene,

okubizwa ngokuthi yi-New Literacy (Willinsky, 1990). UWillinsky (1990, p. 8) uyachaza

ukuthi i-New Literacy ihlanganisa amasu okufundisa ukufunda nokubhala, okuzama

ukususa umqondo wokuthi ukufunda ukubhala nokufunda ukufunda okubhaliwe

kungumsebenzi kathisha. Ngakho-ke, ngenxa yale njulalwazi, umcwaningi uzobheka

ukuthi uthisha ubalekelela kanjani abantwana ekutheni bathuthuke ekufundeni

okubhaliwe, indlela ahlela ngayo umsebenzi wakhe, aphinde abheke ukuthi uthisha

ubalekelela kanjani abantwana ekubambeni iqhaza ekukhandeni umqondo

ngabakufundayo ngesikhathi isifundo siqhubeka ekilasini.

4.5 UBUDLELWANO PHAKATHI KOHLAKA LWENJULALWAZI NOHLAKA

LWEMICABANGO

Igama elithi uhlaka lwenjulalwazi (theoretical framework) livame ukusetshenziswa

ngokufana nelithi uhlaka lwemicabango (conceptual framework). Nakuba lokhu

kungabukeka kufana, umehluko osobala phakathi kwakho ukuthi uhlaka lwenjulalwazi

lungasetshenziswa lapho kukhona ulwazi oluthile oluvele lukhona noma lapho uhlaka

lwemicabango lungeke lwakwazi ngokugculisayo ukucacisa ngesimo noma ngaleyo nto

ecwaningwayo. Lokhu kuchaza ukuthi kuye kusetshenziswe ezinye izindlela

Curriculum entsha yokufunda ezikoleni ezoqala ngonyaka ozayo (2011). Kusukela ngonyaka ozayo (2011)

i-OBE ayisezukusebenza. Othisha nabacwaningi abaningi kade babeyigxeka le ndlela ye OBE ngokuthi

ayisebenzi kahle, kanti futhi lapho izinsiza zingekho khona kuba yinkinga enkulu, nanokuthi othisha

abaqondi kahle okuyiwona maqhaza abo ekilasini lapho kufanele basebenzise khona le ndlela. Okunye

okuza ne curriculum entsha ukuthi ingane izofunda amabanga amathathu okuqala ngolimi lwayo

ezikhethele yona, kanti isiNgisi asizukusebenza ukumela ulimi lwengane lwasekhaya.

120

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!