26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

kungafundwa ngekhanda kodwa ekuhambeni kwesikhathi abantwana bangafunda

ukuhumusha okubhalwe phansi. Ngaphandle kwalokhu, le ndlela ingagqugquzela ukuba

abantwana bakopishe okubhalwe nguthisha, noma ngabe abakubhalayo kungaba

namaphutha.

Le ndlela yokufundisa ukufunda okubhaliwe isetshenziswa ukukhulisa izinga lokufunda

umbhalo unjengoba unjalo (decoding) nokufunda ngokuwuqondisisa. Abantwana

abasafufusa badinga ukufundiswa nokuba babambe iqhaza bathuthuke ekufundeni

kwabo. I-Language Experience Approach (LEA) ivumela abantwana ukuba bafunde

okubhaliwe emazingeni ehlukene. Ngale ndlela, uthisha ufundisa izinto ezahlukene

ngesikhathi esisodwa, esebenzisa amagama avela ngakubafundi kanye nolimi

abalujwayele. Isukela emqondweni wokuthi ulimi kumele lusetshenziswe ukudlulisa

imibono, imicabango, kanye nezincazelo (Vacca et al, 2006). Isibonelo sale ndlela,

ukubhalisa abafundi indatshana. Lapha, abafundi bazakhela izifundo, besebenzisa ulimi

lwabo abalusebenzisayo. Abafundi bangazakhela izindaba zabo, izindaba abazakha

beyiqembu, abakubhalayo, ukufunda kuzwakale indaba noma inkondlo ifundwa

nguthisha nabafundi. Le ndlela ingasetshenziswa enkulisa, ebangeni lokuqala noma

lesibili ekufundiseni ukufunda kwekilasi lonke, nokugcina irekhodi lokwenza komfundi.

Ngale ndlela, izinto esezake zehlela umfundi noma wazenza zilekelela ekufundeni ulimi

(Gunning, 2005, p. 105). I-Language Experience Approach iqala ngokuthi ikilasi lixoxe

lonke, omunye nomunye axoxe indaba yakhe ngakwaziyo noma ngokwake kwamehlela.

Emva kwalokho uthisha ucela abafundi ukuba bakhe indaba ngalokhu abakade bekuxoxa,

akubhale eshadini elikhulu. Emva kwalokho uthisha ufunda le ndaba afundele ikilasi.

Ngesikhathi abafundi befunda le ndaba, eqhamuka kwabebekusho, kwakheka

ulwazimagama. Ukusukela lapha, uthisha usengagxila kokukodwa afundise ngakho-ke,

kuye ngokuthi yikuphi okudingwa yikilasi lakhe.

75

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!