26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

L: Ngephini

T: Yebo iphini

L: Phephetha

T: Uma uphephetha kwenzakalani?Amaphepha enze njani/

L: Ayaphephuka

Le nkulumo-mpendulwano yaqhubeka ibanga elide kodwa lapha ngithathe nje

ukukhombisa okwenzekayo lapho uthisha ekhuluma nabafundi bakhe ngomsindo

owethuliwe. Le nkulumo-mpendulwano engenhla iyakhombisa ukuthi umsindo

okugxilwe kuwo ngumsindo u ‘ph’ [ph]. Lokho kulandelwa ukuba uthisha bese edweba

izikhala ezinhlanu. Kulezi zikhala ezinhlanu ubhala onkamisa kuleso naleso sikhala.

Bayabafunda laba onkamisa. Emva kokuba bebafundile bebaphindaphinda uthisha ubhala

umsindo u ‘ph’ kuleso naleso sikhala ngezansi konkamisa. Lapho esekwenzile lokho

ucela abafundi ukuba bafunde lo msindo ka ‘ph’. Emva kwalokhu ufaka onkamisa

kulowo nalowo msindo oluhlamvu elingungwaqa, ukuze ubizeke kahle usunonkamisa

abehlukene, kube : pha, phe, phi, pho, phu.

Lokhu kwenza ukuthi izingane zibone ukusebenza konkamisa nalo msindo ofanayo,

zibone nokuthi onkamisa yibona abenza umehluko ekubizweni nasekubhaleni

kwemisindo. Emva kokuba sebefundile-ke amagama asebhodini, othisha babetshela

abafundi ukuba babuyele ezindaweni zabo ukuze babhale amagama asebhodini,

bawakopishe enjengoba enjalo, bawafunde ekhaya njengoba ngoLwesihlanu babezobhala

ngawo isibizelo.

6.2.1.2.2 NGOLWESIBILI

Ngosuku lwangoLwesibili kwaqapheleka ukuthi othisha babebaqalisa konkamisa

ukubafundisa. Babebafunda bephindelela abantwana onkamisa lapho kuqala isifundo,

othisha bebakhombela ngenduku. Lapho sebekwenzile lokhu, bese befunda: pha, phe,

phi, pho, phu. Nangalo lolu suku othisha babegcizelela ukuthi bakhumbuze abafundi

ukuthi umsindo ka ‘ph’ wakhiwa ngokuhlanganisa umsindo wepani nomsindo wehawu.

Isibonelo, uthisha uMbali emva koku ba esebingelele abafundi bakhe wabe esethi abeze

ngaphambili kwabe sekuba nale nkulumo-mpendulwano:

198

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!