26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Lokhu abakwenzayo othisha kuyashayisana nombono walaba babhali abacashunwe

ngehla. Abacwaningi abaningi bayavumelana ngokut hi lapho uthisha efundisa ukufunda

okubhaliwe, zinhlanu izingxenye zokufunda okubhaliwe kumbe amakhono asemqoka

uthisha okufanele awathuthukise kumfundi. Lawo makhono yilawa: ulwazi

lwezimelamsindo nemisindo, ulwazi lokuhlonza/lokubona amagama, ulwazimagama,

ukufunda ngokungangingizi, kanye nokufunda ngokuqondisisa, okuyiyona nto yokugcina

nokuyiyona njongo yokufundisa izingane ukufunda okubhaliwe (DoE, 2008c;

McGuinness, 2004; Joubert et al, 2008; Teachers Handbook for Teaching Reading in the

Early Grades, 2008; Duffy, 2009; Stahl & Fairbanks, 1986; Block & Israel, 2005).

Ngale ndlela, yilelo nalelo khono noma leyo ngxenye yokufunda umbhalo ibalulekile

ngoba inalo iqhaza elibambile ukuze ingane ithuthuke ekukwazini ukufunda okubhaliwe.

Lokhu akubonakalanga kwenzeka kothisha ababeyingxenye yocwaningo ngoba

okungenani ngamathathu kuphela ala makhono okufunda okubhaliwe abawanakayo

(ulwazi lwemisindo/lwezimelamsindo, ulwazi lokubona nokuhlonza amagama, kanye

nolwazimagama. Ngaleyo ndlela ukufunda ngokunganqikazi kanye nokufunda

ngokuqondisisa yinto othisha abahambela kude nayo.

Njengoba ngike ngaxoxa esahlukweni sesibili ngocwaningo olwake lwenziwa

nguLessing no-De Witt (2002) eNingizimu Afrika, othisha abafundisa ukufunda

okubhaliwe emabangeni aphansi babika ukuthi babedinga ukuthola uqeqesho noma

ukwelekelelwa ngamakhono okufundisa ukufunda okubhaliwe kula mabanga aphansi,

njengoba babengazi ukuthi yini okumele bayenze noma elindelekile lapho befundisa

ukufunda okubhaliwe. Lokhu kuyahambisana nokutholakala kulolu cwaningo ngoba

abakwenzayo nabakushoyo othisha kuveza ukuthi abakwenzayo kungenxa yokuthi

alukho ulwazi abanalo mayelana nokuthi lapho uthisha efundisa umbhalo, kufanele

afundiseni. Lokhu kwenza isivinini sokufunda okubhaliwe sihambe kancane kubafundi,

ngamanye amazwi sibe ngaphansi kwezinga labo lokukhula.

291

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!