26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Uma umfundi esewakhile umusho wayembiza ukuthi azokhomba igama alisebenzisile

ukwakha umusho wakhe. Uthisha wathola ukuthi abanye abafundi babakhe imisho

ngamagama abangakwazi ukuwakhomba ebhodini. Lapho bewafunda bengaphimisi kahle

izinhlamvu, uthisha wayebasiza ngempimiso eyiyo la magama. Lokhu kukhombisa

ukuthi abanye abafundi babengaqondi ngokwabe kwenzeka ekilasini, belahlekile.

Isizathu salokhu ukuthi isifundo sasingenanhloso yokufunda okubhaliwe. Kwamangalisa

ukuthi nanxa uthisha echitha isikhathi esiningi efundisa imisindo nokwakhiwa

kwamagama, kanjalo nokukwazi ukuwabona emshweni, kodwa abanye abafundi

babengazi nokuthi lidumephi, nakuba abanye babekwazi ukukwenza lokhu

ngempumelelo.

Uthisha wabe esethatha imisho yabafundi wayibuka. Esekwenzile lokhu wabe esethi

abafundi mabathathe izincwadi zabo zokubhala umsebenzi wasekhaya babhale

umsebenzi. Kulo msebenzi kwakuyimisho ababezoyigcwalisa ngegama elinomsindo ka

‘ngw’, besebenzisa amagama ababekade bewafunda. Wathi:

Thatha-ke i-homework book yakho. Uzobe-ke usubhala le misho ekade

siyenza. Angizukulifaka igama lelo elino ‘ngw’, wena-ke uzobe usulifakela

ukuze ngibone ukuthi usalikhumbula yini, ukuze kube umusho onomqondo

ophelele. Ukhumbule futhi ukuthi ekuqaleni komusho siqala ngohlamvu

olukhulu. Niyezwa?

Kule nkulumo engenhla, kuyacaca ukuthi uthisha wayezama ukuba abafundi bafake

ekhanda amagama ababekade bewafunda, ngamanye amazwi kube sekhanda ukuthi

abhalwa kanjani. Nangalo lolu suku abafundi abazange bafunde umbhalo, babakha wona

amagama, beqedela nemisho. Lokhu kukhombisa ukuthi othisha bahambela kude

nenhloso yokufunda okubhaliwe, ukufunda umbhalo ngokuwuqondisisa. Ngezansi

ithebula elikhombisa imisho abafundi ababeyibhala okwakufanele bayigcwalise ngegama

elinomsindo ka ‘ngw’:

239

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!