26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kodwa nasezincazelweni nasekwakhiweni kwamagama. Ngale ndlela, imisindo ifundwa

ngokulandelana okwenzeka ngandlela thize.

Lapho kusetshenziswa le ndlela, okugcizelelwa kakhulu ukufunda ngendlela enembayo

(reading accuracy), kanti abantwana bagqugquzelwa ukuba bafunde amagama

embhalweni enjengoba ebhaliwe. Ngaleyo ndlela, abafundi bagxishwa ngolwazi

lwemithetho emayelana nokubhalwa kwamagama kanye nokupelwa kwawo, kanti futhi

bafundiswa nobudlelwano obukhona phakathi kwemisindo nokupelwa kwamagama.

Nokho-ke kunemibono eyahlukene mayelana nale ndlela. Abanye abacwaningi asebeke

bacwaninga le ndlela bathi iyindlela ye-bottom-up, njengoba abanye beyibona

njengendlela ye-top-down. Bathi uma umuntu ekwazi ukufunda umbhalo unjengoba

unjalo, incazelo nokuqondisisa kuyalandela. Umbhalo uqukethe umlayezo, kanti

ngokufunda umbhalo unjengoba ubhaliwe, umfundi wombhalo uyazitholela umlayezo

oqukethwe umbhalo. Ngakho-ke bathi akusikhona kodwa-ke ukufunda amagama

enjengoba emile embhalweni kanye nokufunda ngokuqikelela ukuthi ufunda kahle

okuyiyona nto esemqoka ngale ndlela, kodwa nokuqondisisa.

Lapho kusetshenziswa le ndlela, ulwazi lokuhlonza amagama luyafundiswa ngokuba

kusetshenziswe izinhlamvu ezibhaliwe (graphemes), ezingaba nohlamvu olulodwa noma

ngaphezulu (isibonelo, ngw). Isimelamsindo (phoneme) ingumsindo uhlamvu lolo

oluwumele, ngamanye amazwi uphawu lwalokho okuzwa ngendlebe. Lapha abantwana

bafundiswa onkamisa, ongwaqa kanye namaqoqwana emisindo (blends). Bayafundiswake

ukuhlanganisa umsindo nezimpawu ezihambisana nawo. Bafundiswa ukuhlanganisa

imisindo bayiqoqele ukutheni ibe ngamagama aphelele. Ngale ndlela, abantwana bakwazi

ukufunda amagama angajwayelekile ngokunamathelisa umsindo nezinhlamvu ezithile

kumbe amaqoqo ezinhlamvu. Kunezindlela ezimbili ezisetshenziswayo ze-phonic

method, okuyi synthetic ne analyticaol methods.

Lapho kusetshenziswa i-synthetic method, imisindo ifundisa ngayodwa. Abantwana

bafundiswa ukuthi izinhlamvu (letters) zimele umsindo othile, njengokuthi nje u-u umele

u-uhhh, kanti u-s umele u-sss, futhi kufanele bakwazi ukusebenzisa le misindo kumbe

70

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!