26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.5.2 AMASU ASETSHENZISWA NGESIKHATHI UKUFUNDWA KOMBHALO

KUQHUBEKA (DURING-READING STRATEGIES)

Lana ngamasu alekelela ingane ukuba ithuthuke ekufundeni ngokunganqikazi noma

ngokungangingizi, ikakhulukazi lapho kukhulunywa noma kufundwa umbhalo. La masu

alekelela ingane ukuba ikwazi nokubona okuyiwona mqondo oqukethwe noma ingqikithi

yombhalo. Ezinye zezibonelo zalolu hlobo lwamasu yilana: ukuqagela ngokusebenzisa

amagama asondelene nalokho okuchazwayo (guessing word meanings by using context

clues), ukwakhiwa kwamagama kulandela ukusebenzisa okuthile okusondelene nakho,

okunikeza umqondo ngalawo magama okufanele akhiwe (word formation clues),

ukuhambisa amehlo ngokushesha ucinge into ethile embhalweni (skimming and

scanning), ukucabanga ngokuzokwenzeka embhalweni (predicting text content), ukuthola

umusho ongumgogodla wesigaba okuyiwona uqukethe umqondo wesigaba ( identifying

topic sentences that contain the main idea of the paragraph (Ad-Heisat et al, 2009, p.

312).

Ngenxa yokuthi abantwana badinga amasu ehlukene ekufundisweni, lolu hlobo lwamasu

lungaba lukhuni ukufundiseka. Yingakho nje lolu hlobo lwamasu lubuye lubizwe

ngokuthi amasu ayinselelo (Alvarez & Risko, 1989; AD-Heisat et al, 2009). Ngezansi

yisibonelo sesu elingasetshenziswa nguthisha ukuze abone ukuthi usahambisana yini

nomfundi amfundisa umbhalo.

2.5.2.1 UKUZILUNGISA (SELF CORRECTION)

Lokhu kuchaza ukubuyela egameni elisekugcineni, umusho osekugcineni, noma isigaba

sokugcina, ukuthola lapho umntwana elahleke khona. Lokhu kubalulekile kubantwana

abasakhulayo ukuze bakhule bekwazi ukufunda ngokuzimela (Joubert nabanye, 2008, p.

116).

81

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!