26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

njengento eqhelelene nokufunda okubhaliwe ngenxa yokuthi ukufunda okubhaliwe

yiyona ngxenye ebaluleke kakhulu ekutheni ingane ifunde ukufunda okubhaliwe kanye

nokubhala. Ngamanye amazwi singeke sabuka ukufunda okubhaliwe njengento

eqhelelene nokubhala ngoba lokhu kuyahambisana. Ngenxa yalokhu, umuntu ngeke

akhulume nge-‘literacy’ kodwa agweme ukukhuluma ngokufunda okubhaliwe (reading).

Kanjengoba nokhuluma ngokufunda umbhalo, ngeke nje akhulume ngakho ebe ehambela

kude negama elithi ukubhala ngoba lokhu kuyahambisana.

Abacwaningi abafana noStreet (1995), sebake bakugxeka ukukhuluma nge-‘literacy’

njengento ezihambela yodwa, engahambisani nokufunda okubhaliwe njengoba lokhu

kuhambisana njalo. Laba bacwaningi babuye bagcizelele nokuthi umuntu angaba namaliteracies

amaningi ahlukahlukene, njengokuthi nje umuntu akwazi ukufunda okubhaliwe

(literate in print), nalokho okungabhaliwe (literate in non-print) njengekhompyutha,

ubuchwepheshe obuningi obehlukene, okuphathelene nezinombolo, njalonjalo (Cornett,

2009).

4.9 IQOQA LESAHLUKO

Kulesi sahluko ngixoxe ngohlaka lwenjulalwazi nohlaka lwemicabango esetshenziswe

ekuhlaziyeni ulwazi olutholakele. Ngixoxile ngensizakuhlaziya esetshenzisiwe

ukuhlaziya okutholakele. Ngixoxile nangobudlelwano phakathi kwezinhlaka ezimbili

okuxoxwe ngazo lapha, ngachaza nesizathu sokusetshenziswa kwazo. Esahlukweni

esilandelayo ngizokwethula kuhlaziwe lokho okutholakele ekuphenduleni

umbuzongqangi wokuqala walolu cwaningo othi “Othisha bathini ngokufundisa

ukufunda okubhaliwe emakilasini amabanga aphansi esiZulu ulimi lwasekhaya?

149

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!