26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

T: Umama kaZizwe yini le ayizamayo?

L:Amakhathakhathana.

T: Yini amakhathakhathana?

L: Umuthi.

T: Ehhe, umuthi, ukuzwe azizwe engcono

T: UZizwe waya yini emtholampilo?

L: Cha akayanga

T: Ehe…kuthiwa lana uZizwe wayechama ini?

L: Kuthiwa uZizwe wayechama igazi

T: Lokhu kusho ukuthi wayebhukude emanzini angcolile

L: Ucabanga ukuthi wayengenwe yini uZizwe, yini eyenza achame igazi

L1: Wayelunywe yinunu

T: Nununi?

L: Mhlampe kwakuyimpukane

T: Impukane?(ehleka)

L: Kwakuyinyoka

T: Uma sibhukuda kwesinye isikhathi sibhukuda emanzini angcolile, kanti lawo manzi

anezilwanyana ezincane, lezo zilwane akulula ukuzibona uze usebenzise imicroscope

ukuze ukwazi ukuzibona, bese zikungena bese uyagula-ke. Ngamanye amazwi

kubabulekile ukuba sibhukude emanzini ahlanzekile. Asifunde-ke futhi…

Lokhu kusho ukuthi othisha basesikoleni iGolide, nakuba begxila emsindweni othile

lapho befundisa ukufunda okubhaliwe, banalo ulwazi lokuthi izingane lapho zifunda

umbhalo kumele ziwufunde ngenhloso yokuba ziwuqonde. Kodwa okwakumangaza

ukuthi uthisha akafundisanga ukuqondisisa, kodwa wahlola ukuqondisisa. Lokhu yinto

efanayo neseyake yatholwa nguDurkin eMelika lapho athola khona ukuthi othisha

babengafundisi ukuqondisisa nolwazimagama, kodwa babekuhlola lokhu, bebe

bengazinikanga isikhathi sokuba bakufundise (Durkin, 1993).

Ngale kwalokhu, ulwazimagama nolwazi lokuhlonza amagama kanye nokulekelela

abafundi ukuthi bafunde ngokungangingizi uthisha uSbo akazange azihluphe

ngokukufundisa. Abacwaningi abaningi bagcizelela ukuthi okuyiyona nto esemqoka

ngokufunda okubhaliwe ukuba owufundayo umbhalo awuqondisise, kodwa ukuze

umfundi awuqondisise umbhalo kumele zonke izingxenye ezibalulekile zokufunda

okubhaliwe zithuthukiswe, ngaphambi kokuba uthisha aze ahlole ukuthi

bayawuqondisisa umbhalo abawufundayo (Coyne et al, 2009; Duffy, 2009; Poulton,

2007; Fukkink, Hulstijn & Simis, 2005; Cunningham & Stanovich, 1998; Bester, 2008;

219

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!