26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

2.6 AMASU OKUFUNDISA UKUFUNDA OKUBHALIWE (TEACHING

STRATEGIES OF READING)

Kungumsebenzi kathisha ukuqinisekisa ukuthi indawo afundisela kuyo ikulungele

ukufunda ukuze abantwana bakwazi ukubamba iqhaza ekufundeni. Enye yezinto

ezisemqoka ukuba uthisha akhethe amasu okufundisa afanele izingane zakhe ekilasini.

Othisha basebenzisa amasu athile ukulekelela abantwana ukuba bathuthuke ekufundeni

okubhaliwe. Ngenxa yokuthi izingane azifani, yileyo naleyo ngane yehlukile kwenye,

uthisha kumele abheke lapho ekhetha amasu okufundisa ukufunda okubhaliwe ukuze

aqiniseke ukuthi ayahambelana nezidingo zabantwana bakhe. Okukhulu kunakho konke,

njengoba kunezindlela namasu amaningi ehlukene asetshenziswayo ekufundiseni

izingane ukufunda okubhaliwe, okusemqoka ukuba into emqoka igcinwe isemqoka.

Lokhu kusho ukuthi, into emqoka ukusiza abantwana ukuba bakwazi ukufunda

okubhaliwe futhi bakuthande. UDuffy (2009) ubeka kanje ukufakazela lokhu:

There is an old saying: “The main thing is to be kept the main thing.”

….explaining skills and strategies is not the main thing in teaching reading.

The main thing is to inspire students to be readers. If we teach skills and

strategies, but our students do not become readers, we fail. So, we must keep

the main thing the main thing.

(p. 3)

Ngala mazwi acashunwe ngenhla, kuyacaca ukuthi into esemqoka ekufundiseni ingane

akukhona ukuba kuchazwe izindlela zokufundisa kanye namasu, kodwa okumqoka ukuba

ingane isizwe ukuba ikwazi ukufunda okubhaliwe, ukuze ibe ngumfundi wombhalo

ophumelelayo. Ngamanye amazwi izindlela namasu okufundisa ukufunda okubhaliwe

akusiyona into emqoka, kodwa okumqoka yinoma yini uthisha angayenza ukulekelela

ingane ukuba ikwazi ukufunda okubhaliwe ngempumelelo. Ngaleyo ndlela, lokhu kusho

ukuthi akukho neyodwa indlela noma isu okungathiwa yilonalona elifanele ukufundisa

ingane ukuze iphumelele, kodwa yilokho uthisha akwenzayo kanye nokuthi ukwenza

kanjani okuyizona zinto ezisemqoka. Lokhu kungenxa yokuthi amanye amasu angafanela

ukusetshenziswa kwabanye abafundi, kodwa angasebenzi komunye umfundi.

78

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!