26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

umfundi efunda. Othisha bathi lokhu kusiza nasekutheni umfundi ajabulele ukuthi naye

kukhona asekwazi ukuzitholela yena ngaphandle kokuba kuze kube nguthisha ohamba

phambili kunaye. Baveza ukuthi lapho befundisa ukufunda okubhaliwe, bayaye

bangabeyi abafundi ngoba abanye bayakwazi ukuzitholela imisindo emisha

bengakatshelwa nguthisha ngayo. Lokhu kubakhuthaza ekutheni bazizwe bengabafundi

abaphumelelayo. Uthisha uZandile ubeka kanje:

Ngiyakhumbula nje phambilini sasisebenzisa incwadi okwakuthiwa

uMasihambisane. Kwakuyincwadi efundwayo kodwa abantwana bona izinto

le eyayikhuluma ngazo kwakuyizinto ezingekho emiphakathini abaphuma

kuyona izinto abangazazi emihleni yabo yansukuzonke. Manje izincwadi

ezifundwayo zikhethwe yithina bothisha. Senza isiqineseko sokuthi sikhetha

incwadi enezinto ezikhona emphakathini abaphila kuwona.Isibonelo:

Ukuphepha, bahlale behamba emigwaqeni enesiphithiphithi nsukuzonke,

ukuya edolobheni, amalungelo. Kumele bawazi amalungelo abo njebantwana.

Siyazi siphila ezweni elinobugebengu, kumele bazi ukuthi yini okumele

bayenze uma kukhona okuthile okwenzakalayo ukuze baziphephise,

njalonjalo...

Ngala mazwi acashunwe ngenhla, kuyakhombisa ukuthi othisha bafundisa izingane

izincwadi zezindaba ezingangezinga labo lokukhula ngokweminyaka. Kodwa-ke lapha

umbuzo kungaba ukuthi nakuba abantwana belingana ngokweminyaka yobudala futhi

bekufanele ukuba babe kuleli banga, bayafana yini nangokwamakhono abo okufunda.

Ngamanye amazwi, basezingeni elifanayo yini lokufunda okubhaliwe? Lokhu

kukhombisa ukuthi nanxa besho ngomlomo ukuthi baye bangabeyi abantwana, kodwa la

mazwi awakhombisi ukuthi ababeyi abantwana ngoba izingane ekilasini azifani,

nezizalwa ngumama oyedwa zingeze zafana, ngisho ezingamawele zingeke zibe nolwazi

olufanayo efufundeni noma yini efundwayo. Nokho-ke kuyakhombisa ukuthi banalo

ulwazi lokuthi izingane kuhle ukuba zifunde ngezinto eziphila nazo emiphakathini,

ezinolwazi oluthile ngalo, okuyinto uVygotsky (1978; 1987;1993) ayigcizelelayo.

Othisha bayachaza ukuthi lapho befunda incwadi yezindaba, uthisha ubenza baxoxe

kuqala ngengaphandle lencwadi, basebenzise izithombe ezisoqwembeni lwencwadi

ukubalekelela ukuba bacabange ukuthi incwadi leyo noma ngabe indaba esencwadini

ikhuluma ngani. Lapho beqagela ngokungayi ngakhona njengoba uthisha usuke

165

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!