26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

2.5.3 AMASU ASETSHENZISWA NGEMVA KOKUFUNDWA KOMBHALO (AFTER-

READING STRATEGIES)

Lana ngamasu alekelela ingane ukuba ithole umqondo ojulile ngalokho ekufundayo,

kwande ulwazi evele inalo mayelana nalokho efunda ngakho. Amanye amasu ayilolu

hlobo yilana ahlanganisa ukuphinda ufunde futhi umbhalo, uhlole injongo yombhalo,

ukuqinisekisa lokho obekuqageliwe noma obekucatshangwe ukuthi kuzokwenzeka

mayelana nombhalo ngesikhathi kungakangenwa kuwo, ukubhala isifingqo, ukujeqeza,

imibuzo, kanye nokwakha ubudlelwano phakathi kokufundwa ngakho nobuyena

umntwana noma ngempilo yakhe (Christen & Murphy, 1991, cited in AD-Heisat et al,

2009, p. 312). Ngezansi yisibonelo esisodwa sesu elingasetshenziswa nguthisha esigabeni

esingemva kokufundwa kombhalo.

2.5.3.1 UKUQINISEKISA (CONFIRMATION)

Leli yisu lapho ingane ikwazi ukuqinisekisa lokho ebikuqagelile ekuqaleni, uma ngabe

kwenzeke njengokuqagela kwayo. Uma kungahambanga kanjalo, kulapho umfundi ethola

khona ukuthi abekuqagelile akuzange kube yikho. Lokhu kungeke futhi kwathiwa yisu

elisebenza ekupheleni kwesifundo, lingasebenza noma kuphi ngesikhathi isifundo

siqhubeka. UJoubert nabanye (2008) bachaza kanje lapho bechaza ngaleli su lokufundisa

okubhaliwe:

This refers to the ability to establish whether the prediction about the further

development of the text is realized as well as to determine whether that

which has been read makes sense. If the text does not make sense, the reader

must be able to correct himself.

Ngaleyo ndlela kubalulekile ukuthi izingane zizitholele zona ukuthi ebezikuqagelile kube

njengoba bezikuqagelile yini noma cha. Uma kunjalo, izingane ziyakujabulela ukuqagela

ngento bese okwenzeka embhalweni kuhambisane nebezikucabangile ukuthi kungahle

kwenzeke. Kanti nalapho kwenzeka okwehlukile, izingane ziyakujabulela ukufunda

ngento entsha. Yingakho nje uthisha kufanele abe nezincwadi ezahlukene zemibhalo,

kungabi yincwadi eyodwa ngoba lapho incwadi iyodwa, abantwana baze bayejwayele,

bangabe besaba nandaba nayo.

82

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!