26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

zabo ukuze zifunde ngempumelelo. Nangaphandle kwalokho, iningi labazali,

lalingakaze liye esikoleni, ngakho kwakungaba nzima uma kwase kufanele lifundise

izingane ekhaya. Ngale ndlela ngakhula ngingabazi ubumnandi bokufunda imibhalo,

ikakhulukazi ngokuyiqonda. Ngangingebe nandaba ukufunda amakhasi alishumi onke,

ngibe namagama amaningi engingawazi, okwakungiphazamisa ekufundeni

ngokuqondisisa. Emva kwalokho kwakuzofanele ngibhale isibizelo ukuze kubonakale

ukuthi ngabe sengikwazi yini ukuwabhala lawo magama.

Sengisemabangeni aphezulu, kwabe kulukhuni ukufunda ngiqonde kahle, ikakhulukazi

uma kwakuyincwadi enkulu okumele ngiyifunde. Kwakuye kube nzima kakhulu-ke

lapho sengizofunda umbhalo ngolimi lwesiNgisi. Isibonelo, uma embuzweni

kwakukhona igama elifana nelisemshweni engiwubonayo endabeni engibuzwa ngayo

ekade ngiyifunda; ukuphendula, ngangivele ngiwuthathe wonke lowo musho, ngenxa

nje yokuthi unegama elifana nelisembuzweni. Kwakuba nzima-ke lapho sekuzofanele

ngichaze ngawami amazwi. Ngenxa yegama engilibonile elisembuzweni,

ngangingathatha ngisho isigaba sonke (paragraph) uma nje lelo gama lilapho, futhi

ngingaqondi kahle noma umbuzo ngiwuphendulile noma qha. Lobu bunzima bokufunda

bacishe bangenza ngayeka esikoleni, kwasiza nje ukuthi nganginabazali abanolaka,

lapho engangingeke ngiyenze into engiyithandayo, esengiye ngikubonge namhlanje.

Njengoba noTiemensma (2007) echaza, ezinye zezinto ezenza izingane ziphume

kangaka esikoleni, yindlela ezifundiswa ngayo kabi ukufunda okubhaliwe. URalphs

(2008) ubeka kanje:

The teachers teach according to their own understanding of what teaching is

and how to teach. This involves rote learning, memorisation, skill and drill,

talk and chalk, and a teacher-dominated orientation to classroom

activities…These practices have become normative and accepted...and as

such provide the children with a ‘restricted’ version of literacy.

(p.1)

La mazwi angenhla afakazela khona ukuthi othisha abafundisi ngokuzethemba ngenxa

yokuthi abanaso isiqiniseko ngabakwenza ekilasini.

35

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!