26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

� Imininingwane eyigugu: enjengemininingwane egciniwe (records), uhlu

lwamagama nokunye.

� Imisebenzi yobuciko: efana namathuluzi, izinto zokusebenza noma yiluphi

olunye uhlobo lwemisebenzi yobuciko ekwazi ukukhombisa ukuthi umcwaningi

lowo uke waba sendaweni yocwaningo.

� Ukuqaphelisisa ngqo (direct observation), okwenzeka lapho umcwaningi

evakashele endaweni yocwaningo.

� Ukuqaphelisisa komhlanganyeli (participant observation), okwenza umcwaningi

abe yingxenye ezehlakalweni noma esahlakalweni esicutshungulwayo.

Abacwaningi abaningi bayisebenzisa le ndlela yocwaningo lwesimo ukuphendula

imibuzo enjengokuthi “kanjani” (how) futhi “kungani” (why) (Nieuwenhuis, 2008, p.

75). Njengoba lolu cwaningo lunemibuzongqangi emithathu, owokuqala uqukethe la

magama: “Bathini othisha”...(what do teachers say...), owesibili “Bafundisa kanjani...”

(how do they teach...), kanti owesithathu uqukethe amazwi athi “kungani befundisa

ngendlela abenza ngayo”...(why do they teach in the way they do...). Lokhu kukhombisa

ukuthi indlela yocwaningo engiyikhethile iyahambisana nemibuzongqangi yalolu

cwaningo.

3.6 IZINDLELA KANYE NAMATHULUZI OKUQOQA ULWAZI

LOCWANINGO

Izindlela zokuthola ulwazi locwaningo zihlanganisa indlela yezingxoxo noma

inhlololwazi okuvame ukuthi kube inhlololwazi esakuhleleka (semi structured interview),

ukubuka okwenziwa abahlanganyeli bocwaningo, nokunye (Marton & Booth, 1997, p.

130). Lokhu kuvamile nakulo ucwaningo lwesimo, njengoba kuyizona zindlela ezivame

ukusetshenziswa ngabacwaningi bocwaningo lwesimo, nokuyizona ezisetshenzisiwe

ngenkathi kuqoqwa ulwazi lwalolu cwaningo. Inhloso yendlela yezingxoxo ukuba

umcwaningi axoxe nomhlanganyeli wocwaningo. Umhlanganyeli wocwaningo umtshela

ngakwaziyo, ajwayele ukukwenza, akwenzayo, okuye kumehlele uma ekuleso simo,

njalonjalo. Lokhu kwenzeka ngendlela yokuthi ekugcineni umcwaningi nalowo

97

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!