26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngokwakwenzeka esikoleni iGolide endikimbeni yokuqala. Okwakwenzeka esikoleni

iGolide, nakuba okuningi okwakwenzeka kwakufana nokwakwenziwa ngothisha

baseMbalenhle, kodwa kwakukhona okwakungumehluko. Kwaqapheleka ukuthi usuku

lokuqala esikoleni iGolide lwaluthi alufane nokwenziwa ngothisha baseMbalenhle.

Isibonelo, lapha uthisha uSbo ethula umsindo ka ‘sh’ akazange adwebe mfanekiso bese

ebuza abantwana ukuthi ngabe sithombe sini lesiya, okuyinto eyayenziwa eMbalenhle.

Wababuza ukuthi babegcine bekhulume ngani ekilasini, wababuza nemibuzwana

ngezinto ezaziyothengwa esitolo ngokwendaba ababeyifundile. Kwavela ukuthi

amaqanda noshukela yizona zinto ezaziyothengwa. Wabe esenamathela egameni

likashukela-ke, kwaxoxwa ngawo ushukela, ebuza nokuthi wenzani ushukela etiyeni,

ukalwa ngani, njalonjalo. Isibonelo senkulumo-mpendulwano kathisha nabafundi:

T: Last time konje sakhuluma ngani?

L1: Ngogogo nomkhulu

T: Amaqanda ayethengwaphi konje?

L:Esitolo

T: Konje yini enye eyathengwa esitolo?

L: Ushukela, itiye, isinkwa

T: Ushukela wenzani konje?

L: Wenza itiye

T: Ushukela konje angithi uyazi ukuthi awulingani. Ukalwa ngama grams...

Kule nkulumo ecashunwe ngenhla, kuyacaca ukuthi uthisha uSbo wayethula umsindo ka

‘sh’, njengoba naleli gama likashukela ayesenamathele kulo linawo lo msindo. Emva

kwalokhu wabe eseqala esekhumbuza izingane ngonkamisa, wabe esekhuluma

ngomsindo ka ‘sh’. Uthisha watshela abantwana ukuthi umsindo u ‘sh’ ungumsindo

‘kashukela’. Lokhu kunamathelisa umsindo negama elithile kwakufana nokwakwenziwa

ngothisha baseMbalenhle.Waba nale nkulumo-mpendulwano nabafundi bakhe uthisha:

T: Konje sathi bangaki onkamisa esinabo thina

L: Bawu 5,( basho bonke).

T: Bawu 5 njalo nje, abeqi lapha, uyoze ufe bengeqile lapha

T: Ake sibheke ke imisindo le esebhodini (ebhodini ubhale imisindo ka sh engu 5.

T: Angithi siyayibona le misindo. Ake siyifunde ke

L: Sh sh sh sh sh

216

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!