26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngendlela abafundisa ngayo, futhi baqonda ngokufundisa ukufunda okubhaliwe ngenxa

yalesi sizathu. Izindlela namasu othisha abawasebenzisayo, abakufundisayo, kanye

nezinsiza zokufundisa okubhaliwe abazisebenzisayo, yilokho abakholelwa ukuthi

kuyabasebenzela, kanti futhi yikhona okulungileyo. Njengokuthi nje bafundise bagxile

ezimelamsindweni/ emisindweni nasekufundiseni amagama ezihambela wodwa engekho

endabeni, bagxile ekuhloleni ukufundisa ukufunda okubhaliwe ngesibizelo, basebenzise

izinsizakufundisa ezinjengebhodi namashadi kakhulu, bafundise izincazelo zamagama

ngaphambi kokuba izingane zifunde indaba, njalonjalo. Njengoba sengike ngachaza,

ezinye zezinkolelo zingaba nomthelela emaswini nasezindleleni zokufundisa othisha

abazisebenzisayo uma befundisa okubhaliwe.

Nakuba uMnyango WezeMfundo unayo imithombo othisha abangayisebenzisa ukuze

baqonde kahle ngezindlela nangezinjulalwazi zokufunda okubhaliwe njenge-emergent

literacy approach, i-balanced approach, i-language experience approach, nezinye

eziningi, kodwa, kubonakala sengathi lokhu akuyona into esemqondweni yothisha ukuthi

lapho befundisa, kumele bazame nezindlela ezihambisana nokulindelwe ngumqashi

wabo, uMnyango WezeMfundo. Nangale kwalokhu, abakwenzayo nabakushoyo othisha

kuveza isithombe sokuthi ababuboni ubumqoka balezi zindlela, futhi abaziboni

zingahambelana nokufundiswa kwesiZulu. Kunalokho bazibona zihambelana nesiNgisi

ngoba bakholwa ukuthi ingane kumele yazi imisindo ikwazi ukuyibona emagameni

nasemishweni, ukuze ‘ikwazi ukufunda okubhaliwe’. Lokhu futhi kubonakala sengathi

nanxa benazo lezo zinkolelo ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe, abanalo ulwazi

olwanele ngezindlela ezihambisana kahle ne-social constructivist theory ekufundiseni

ukufunda okubhaliwe.

Nanxa othisha abakwenzayo kunamathele ezonkolelweni abanazo ngokufundisa

ukufunda okubhaliwe, lapho sibheka ngeso le-social constructivist theory abakwenzayo,

kuyabonakala ukuthi kukhona okuhambisanayo ne-social constructivism, nakuba

kungenzeki ngokusezingeni eliphezulu. Njengokuthi nje, nanxa besebenzisa izindlela

ezindala ezigxila ekufundeni okuqala ngemisindo, kuye emagameni kuze kube

semishweni, kodwa kulokho kwenza kwabo bayazama ukuzenza izingane zibe yingxenye

275

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!