26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

kumbe amaqembu ehlukene abafundi bakhe okuzolekelela ukuthi umfundi athuthuke

ekufundeni okubhaliwe ngokukuqondisisa. Nokho-ke le ndlela lapho isetshenziswa

iyodwa ingeze yalekelela abafundi ukuba bafunde ngokuqondisisa umbhalo, futhi babe

ngabafundi abaseqophelweni eliphezulu lokufunda imibhalo eyahlukene njengoba le

ndlela igxila ekubhalweni kwamagama, ngamanye amazwi ekupeleni.

Njengoba ngike ngaveza esahlukweni sesibili, indlela yokufundisa ngemisindo yenza

isivinini sabafundi sihambe kancane kwenza abafundi babone kusemqoka ukubhala

amagama ngesipelingi esiyiso, kunokuba ajahe ukuthola umqondo wombhalo. Lokhu

kungenxa yokuthi umfundi uthatha isikhathi eside ezama ukucophelela ukuthi igama

libhalwa kanjani (Joubert et al, 2008; Joubert, 2004; Shanahan, 2006), kunokuba azame

ukuthola umqondo wombhalo. Ngamanye amazwi le ndlela ikhuthaza abafundi ukuba

bakwazi ukupela kunokuba babe ngabafundi abathuthukile bokufunda okubhaliwe,

abafunda ngokuzimela ngaphandle kosizo lwabantu abadala.

5.2.3.2 AMASU OKUFUNDISA UKUFUNDA OKUBHALIWE

Othisha lapho befundisa ukufunda okubhaliwe bathi basebenzisa amasu athile

okufundisa. Ngezansi kuzobalwa lawo abathi bayawasebenzisa ekufundiseni ukufunda

okubhaliwe.

5.2.3.2.1 UKUFUNDISWA KOKUFUNDA OKUBHALIWE KUHAMBISANE NOKUBHALA

Othisha bachaza ukuthi ukuze ukufunda kube yimpumelelo, njalo nje kuye kube khona

abakubhalayo abafundi uma befunda ukufunda okubhaliwe. Emva kokufunda uthisha uye

athi ababhale okusebhodini kunjengoba kunjalo, ukuze abone ukuthi bangakwazi yini

ukukubhala njengoba kubhaliwe. Lokhu kuye kube amagama noma imisho emifushane

enemisindo abakade beyifunda. Lapho sebekubhalile bekubuka, ngosuku olulandelayo

baye baqede ukufunda bese bebhala amagama bengasawaboni, balifunde kuqala igama

beliphindaphinda ngaphambi kokuba balibhale bengasaliboni.

173

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!