26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

phambili ekwakhiweni kolwazi olusha, kube yiyo ebambe iqhaza elibalulekile

ekufundeni kwayo.

Othisha bakholwa ukuthi njengoba kuyindlela nabo abakhula befundiswa ngayo, yiyona

eyabasiza ekutheni bakwazi ukufunda okubhaliwe nokubhala baze babe badala. Kanti

futhi bakwenza lokhu ngoba yinto asebenesikhathi eside beyenza, futhi bakholelwa

ukuthi iyabasebenzela. Kanti nalabo abafundisa ngezindaba ukufunda okubhaliwe,

basebenzisa izindlela ezindala zokufunda okubhaliwe. Njengokuthi nje, bakhe uhlu

lwamagama okumele abafundi bawazi, okungamagama azotholakala embhalweni

ozofundwa, bawachaze, izingane zingazitholeli zona ngokwazo izincazelo zalawo

magama ngokusebenzisa ama-inferencing skills, ziqagele izincazelo zalawo magama

ngokubuka indlela asetshenziswe ngayo embhalweni, njalonjalo. Kanti njengoba ngike

ngachaza esahlukweni sesine, uPressley benoHilden (2006) bagcizelela ukuthi

kubalulekile ukuthi izingane zifundiswe izincazelo zamagama, ngamanye amazwi

ulwazimagama. Kodwa-ke lokhu akusho ukuthi uthisha kufanele enze uhlu lwamagama

okumele abafundi bawazi, kodwa kunalokho, uthisha kudingeka awafundise la magama

ngesikhathi umbhalo ufundwa, agxile kuwo ngandlela thile, ikakhulukazi uma

kungamagama ingane ezophinde ihlangane nawo nangemva kokufunda umbhalo lowo.

Lawo kungaba ngamagama angajwayelekile enganeni (Pressley & Hilden, 2006, p. 58).

Uma uthisha enikeza uhlu lwamagama kubafundi kanye nezincazelo, lokho indlela

yakudala yokufunza izingane ngokuthi zazi amagama lawo ukuthi abhalwa kanjani kanye

nezincazelo zawo (spoon-feeding). Le ndlela ingenza ukuthi abafundi bangazi ukuthi

incazelo yegama uyakwazi ukuyithola emshweni noma engxoxweni lapho igama

lisetshenziswe khona. Kanti uma uthisha ebafundisa ukuthi bakwazi ukuzitholela

incazelo ngokubukisisa ingxoxo bese beqagela incazelo yegama noma incazeelo

yomusho lokho kubafundisa ikhono lokukwazi ukufunda okubhaliwe. Emihleni abantu

uma befunda akudingeki ukuthi bazi incazelo yalelo nalelo gama uma befunda umbhalo.

Kodwa kumele bakwazi ukuqagula incazelo yenkulumo (message decoding) noma

bengazazi izincazelo zawo wonke amagama asetshenzisiwe. Isibonelo, kuye kwenzeke

sifunde amaphephandaba neminye imibhalo, kube namagama amaningi esingawazi,

278

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!