26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

yokuthi zase zinezingane okudinga zizondle. Ngaleso sikhathi kwabe kungekho mali

yesibonelelo sikahulumeni.

Kanti eziningi zabafana zaziphuma esikoleni zeluse izinkomo, zihambe ziyofuna

amatoho angatheni, noma zibe wuvanzi, zigcine ziwuhlupho emphakathini. Ezinye

zazigcina ngokwenza amacala emphakathini, zigcine emajele. Ngaleso sikhathi

kwakuba yigugu ukuba insizwa iqonywe yintombi noma izintombi eziningi, itholise

amantombazane izingane, ihambe iyosebenza eGoli noma eThekwini. Ukufunda

kwakungesilo kangako igugu futhi kwakungesiyo impoqo kubantu abaMnyama (Sedibe,

1998). Izingane eziningi ezaziqhubeka nokufunda yilezi ezazinabazali abase bethe

ukukhanyiseleka ngokuthi ikusasa lezingane zabo lilele ekufundeni, ngakho kwakuye

kuthi noma ingane izizwa ingakuthandi ukufunda, iphoqwe ngabazali ekhaya

ngokuyishaya. Ezinye-ke zaziba yinhlula, kuthi ezinye zibekezele, zize zigcine

ziliphothulile ibanga leshumi.

Emva kokuphothula ibanga leshumi kwakungavamile ukuba uzwe umuntu ekhuluma

ngeyokuqhubeka nokufunda aphokophelele emfundweni ephakeme. Isizathu

kwakuwukuthi babembalwa abazali ababekwazi ukumelana nemali enkulu eyabe

idingeka ezikhungweni zemfundo ephakeme. Nosizo lwezezimali lwabe luluncane,

kumbe lwalutholakala kanzima uma lwalukhona. Lokhu kwakuholela ekutheni lapho

ingane isiqedile ibanga leshumi, bese iya ebuthisheleni iyofundisa ngaso isitifiketi

sebanga leshumi, noma iyokwenza ubuhlengikazi esibhedlela, ngenxa yokuthi yiyona

misebenzi eyabe itholakala kangconywana, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

Nakuba yayikhona imithonseyana yamakolishi nezinye izikhungo zemfundo, njengoba

sengike ngachaza, kwakuyilabo abakhethiwe ababenenhlahla yokuya kulezo zikhungo.

Ngale ndlela othisha abangaqeqeshiwe babesazolokhu bandile nje njengoba babethi

befundiswe abanye abangaqeqeshiwe, nabo baqede ibanga leshumi bayongena khona

lapho emshungwini wabanye abangaqeqeshiwe, bafundise izingane, ngale ndlela

kwakheke uchungechunge lothisha abangaqeqeshiwe. Lokhu kwakunegalelo elikhulu

emfundweni yengane yomuntu omnyama, njengoba othisha abaningi babengenawo

30

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!