26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Njengoba izingane zithanda imibhalo ebhalwe ngesandla esikhulu, esinezithombe

ezigqamile ngemibala, izindaba ezibhalwe ngesandla ephepheni akulula ukuthi

zikhuthaze uthando lokufunda umbhalo ezinganeni ngokuwuqonda.

Lezi zinsiza zibalulekile, kodwa azikwazi ukulekelela ingane ukuba ithuthuke

nangamanye amakhono olimi uma zisetshenziswa zodwa. Ngamanye amazwi zidinga

ukuba zisebenze nezinye ezingalekelela ukudoba uthando lokufunda kubantwana.

Isibonelo, njengobuchwepheshe banamuhla njengama khompuyut ha, omabonwakude,

ama-games ehlukene angamathoyizi afundisayo (educational toys), umsakazo, nokunye

okuningi.

Lokhu kusebenzisa uhlobo olulodwa lwezinsiza othisha bakwenza ngoba bengenazo

ezinye izinhlobo zezinsiza. Ngaphandle kwalokho, othisha basebenzisa lezi

zinsizakufundisa ngoba zihambisana nezinhloso zabakufundisayo, ukufundisa imisindo

nokwakha amagama nemisho emifushane. Lokhu kungenxa yokuthi bengacabangi ukuthi

lapho befundisa ukufunda; akumele bagcine ngokugxila emisindweni nasemagameni

nasemishweni, kodwa okuyiyona nto ebalulekile ukuthi ingane ikwazi ukufunda umbhalo

futhi iwufunde ngokuwuqondisisa, ikuthokozele ukufunda imibhalo enhlobonhlobo.

Engxoxweni eyalandela ukubuka othisha befundisa, umcwaningi wabuza uthisha uMbali

ukuthi kungani esebenzisa izinsiza ezizodwa (ishadi elibhalwe ngesandla elilodwa isonto

lonke, kanye namagama nemisho esikiwe) engazishintshi lapho efundisa ukufunda

okubhaliwe. Uthisha uMbali wathi:

Ngingasho ngithi kade ngingenazo kahle izinsiza, kodwa manje senginazo.

Ngesikhathi usekilasini ngifundisa ngangingakabi nazo. Some of them

ngiwathole kwi-Department of Education, some of them anezilimi

eziningi.Uthole nje igama elithi ‘transport’ bese ngezansi kube khona elithi

‘intalaspoti’ [okuyigama lesixhosa elisho izithuthi] kuphinde kube khona

elithi ‘izithuthi’. Uyabona nje ungabe usa-understander ukuthi sekungena

nesiXhosa kanjani. Kodwa-ke nginawo nje amashadi lapho befunda khona

ngesiNgisi nangesiZulu, isiNgisi sikhona nje. IsiNgisi siyaqhamuka nje

nomaphi. Ngeke nje uzwe ingane ithi umama uzoyithengela izicathulo

ngenyanga kaNcwaba. Nokho-ke siyazama khona ngoba nasebhodini

299

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!