26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

khona nje ukukwazi ukufunda nokubhala, kodwa ukukwazi ukuqonda lokho okufundayo

futhi. Lokhu ukusho ngoba lapho umuntu efunda, kumele akuqonde akufundayo.

Ngonyaka we-1970, u-Oxenham waphawula ngokuthi “cishe iminyaka eyizinkulungwane

eziyi-5 idlulile kwaqala ukufunda nokubhala kanti umhlaba wonke kuze kube manje

usalokhu ukhungathekile ngemizamo yokuthi abantu bakwazi ukufunda nokubhala,

nanokuthi nje yilona liphi izinga lolwazi lokufunda nokubhala umuntu okumele afike

kulona ukuze kuthiwe usefunde ngokwanele ukufunda nokubhala”. Kusukela ngaleso

sikhathi, kwabe sekuba nocwaningo olwehlukene olumayelana nokufunda nokubhala

kanye nokuthi kuyini, kanjalo nokufundiswa kwakho ezikoleni. Mabili-ke amamodeli e-

literacy abe eseqhamuka; okuyi-autonomous model kanye ne-cultural model.

Ngokwe-autonomous model, ukufunda (to learn) ukubhala nokufunda, nokufunda

okubhaliwe kuyinto esemqoka kakhulu njengoba kukhulisa ngisho ingqondo, indlela

umuntu acabanga ngayo, kanye nokukhumbula kanye nendlela esikusebenzisa ngayo

ukufunda nokubhala. Ngakolunye uhlangothi, i-cultural/ideological model yona ibheka

izincazelo kanye nokusetshenziswa kokubhala nokufunda kanye namasiko ahlukene

(different cultures) futhi ibuke nokwenzeka emphakathini (Wragg et al, 1998, p. 26). Iideological

model yiyona esetshenziswa kakhulu kune-autonomous model. Isikhathi

esiningi i-autonomous model ayinaki ukubaluleka kokwenzeka emphakathini ukuze

ukufunda kube ngokunomqondo. Yingakho abacwaningi abaningi bekhetha i-ideological

model ngoba yona igxila nasezintweni ezenzeka emiphakathini lapho kufundiswa

ukufunda nokubhala.

Lapho sibheka, kusukela ngeminyaka ye-1950, ulwazi lokufunda nokubhala

kwezemfundo kwakuyiyona nto okwakugxilwe kuyo, lapho kubhekwa ngokwamamodeli

nezinjulalwazi, izindlela zokufundisa, kanye nasocwaningweni. Ucwaningo oluningi

lwangaleso sikhathi lwalugqame ngokuba ngolwama- paradigms e-psychology, ayezama

ukuqonda ukufunda, ukubhala, ukupela, kanye nokufunda ngokuqondisisa njengezinto

ezisondelene nokwengqondo/ nokusebenza komqondo nendlela ethile yokwenza ukuze

kwenziwe ngcono ukufundiswa kokufunda nokubhala (Bharuthram, 2006, p. 31).

127

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!