26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

5.2.6. UKWENZA IKILASI LIKUFANELE UKUFUNDISA UKUFUNDA

OKUBHALIWE

Othisha bathi baye baqinisekise ukuthi ikilasi lokufundela libe yikilasi

elikulungele ukufundisa ukufunda okubhaliwe. Lokhu kusiza ukuthi ingane

ikwazi ukwemukelana nesimo futhi nomqondo wayo ukulungele ukwamukelana

nesifundo. Isibonelo, uthisha uJabu uchaza kanje enkulumweni yakhe

ecashuniwe lapho ebuzwa ukuthi yena ngokwakhe ucabanga ukuthi yini

okufanele yenzeke ekilasini lokufundela ebangeni lesithathu:

Ngingathi nje okokuqala ikilasi kumele libe- relaxed, abafundi bakwazi

ngisho ukuhlala phansi. Njengoba kungabantwana abancane kumele kube

khona izithombe ekilasini, ama-puppets uma kunendaba efundwayo

enabalingiswa abathile. Kufanele uqale ufundise amagama alukhuni, bawazi

bengakafundi indaba...kumele bazi nezimpawu zokubhala nokusebenza

kwazo, ukusebenza kwephimbo, umzimba nobuso lapho umuntu efunda.

Kumele futhi ikilasi libe nama-charts, abe -clear futhi, ikilasi libe- healthy..ne

-atmosphere nje ibe -relaxed. Kuma-charts-ke kufanele kube khona elama

vowels, ukubakhumbuza...Kumele futhi kube nama -flash cards, sentence

strips.Izingane ziyilokhu esiyikhona thina bothisha bazo...uma sihluleka

ukufundisa nazo zizohluleka ukufunda. Enye yezinto ezihluphayo ukuthi kuye

kuthi nalapho uthisha azi kahle ukuthi kufanele afundiseni futhi kanjani,

kodwa uthole ukuthi angakwenzi yena lokho. Kokhu kungenxa

yokungabibikho kukanembeza, uthisha enze noma yikanjani ngoba azi ukuthi

ingane yakhe ayikho lapha ifunda esilungwini.

Kuyacaca ukuthi othisha bayazi ukuthi ikilasi okufundela kulo ingane ukufunda

umbhalo kumele likulungele lokho. Ngokwale nkulumo engenhla, kuyacaca

ukuthi ikilasi kumele lihlobe ngemibhalo ezoheha uthando lwezingane nokuthi

izingqondo zazo zimukelane nesifundo ngenxa yokuthi ziyabona ukuthi

zisendaweni efanele ukufunda. Akugcini nje ngobunjalo bekilasi kuphela, le

nkulumo engenhla iyakucacisa ukuthi ngisho umoya kathisha kumele ube muhle

lapho efundisa, angafiki abe ngumuntu olwa nezingane, ikakhulukazi njengoba

zisencane, akudingi ukuba zethuswe ubuso bakhe.

184

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!