26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika ususebenzise izigidigidi zamarandi ukwesekela

imizamo yeminyango yemfundo ekuthuthukiseni amazinga okufunda nokubhala

eNingizimu Afrika, kuwo wonke amazinga emfundo. UNkomo (2010) uthi uhulumeni

usebenzisa imali engaphezu kwezigidigidi ezingama-550 zamarandi (R550 billion rand)

ukuzama ukulwa nenkinga yamazinga aphansi okufunda eNingizimu Afrika. Lokhu

kwavezwa ucwaningo olwenziwa yiNyuvesi yaseStellenbosch khona kuleli zwe.

Akulona nje idokwe eligayelwe uhulumeni kuphela ukuzama ukuthuthukisa amazinga

ezingane okufunda nokubhala, kodwa iningi labantu baseNingizimu Afrika kanye

namazwe onke omhlaba likhathazekile ngalesi simo, njengoba lokhu kuyinkinga

ekhungethe umhlaba wonke. Le nkinga idala ukuthi abantu basemazweni onke omhlaba

bazihluphe ngemizamo yokwenza ngcono lesi simo kulawo mazwe anale nkinga. Lokhu

kuhlanganisa ukuthuthukisa izikhungo zemfundo ephakeme, ukunikela kosomabhizinisi

(abashicileli bemibhalo, ababhali, kanye nezitolo zezincwadi), umphakathi ohlanganisa

abafundi bezincwadi kanye nabathengi bazo, abasebenzisa imitapo yolwazi, abasebenzi

emikhakheni eminingi eyahlukene (South Africa. Department of Arts and Culture & Print

Industries Cluster Council, 2007). Ngaphezu kwayo yonke imizamo ezanywayo

yokuthuthukisa amazinga okufunda nokubhala, namanje kusabukeka kuseyinselelo

ukufinyelela ezinhlosweni zemizamo eyahlukahlukene yokulungisa lesi simo umhlaba

wonke, hhayi kuphela eNingizimu Afrika, kodwa emazweni amaningi emhlabeni wonke

jikelele (Van der Rheede, 2008, p. 1).

Ngonyaka wezi-2004 lowo owayenguNgqongqoshe wezeMfundo, uNaledi Pandor,

enkulumeni yakhe yokuvula engqungqutheleni yomhlaba eyayimayelana nokufunda

nokubhala eyayiseKapa wabeka kanje:

It is difficult to live the full life expected of a citizen in a modern democracy

if you are illiterate. The state largely communicates the rights and

responsibilities of citizens through written regulations, statutes and

correspondence. Illiteracy places many of our citizens outside this world of

the written word, forcing them to rely on third parties for information on

their basic rights and responsibilities… Literacy gives you a full sense of

dignity. Illiteracy strips you of that dignity. When you have to rely on

someone else, in many cases a child, for, as simple an activity as, reading a

8

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!