26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Baye baphendule imibuzo...mhlampe kube nesiqeshana, after June kwa

Grade 3 ziba ningi izindaba...kufanele umbuze ukuthi igama elithi i-

yunivesithi liphi kule ndaba? Usezofunda-ke mhlampe uyalibona emshweni

othi uMark wayefunda eyunivesithi yase-UKZN. Umbuze ukuthi igama

elithi isigcwelegcwele liphi kule ndaba. Ngalokhu sisuke sizama ukuba

encourage(r) ukuthi bafunde emakhaya bafunde nendaba. Bese kuba

nemibuzo yale ndaba. Kuye kufanele bayiphendule leyo mibuzo, bayifunde

bakwazi ukuyiphendula ngokwama group, njalonjalo. Bayaphendula babhale

phansi. Imibuzo isukela endabeni, baphendule futhi ukuthi igama elithile

liphi.

Lezi zincazelo zalaba othisha zisho izinto ezahlukene. Impendulo kathisha uMbali

ikhombisa ukuthi usuke ehlola abafundi ukuthuthuka kwabo ekufundeni okubhaliwe,

atghole ukuthi sebethuthuke kangakanani ekufundeni okubhaliwe. Kanti ekathisha uSbo

ikhombisa ukuthi usuke ehlola abafundi ukuthi bayiqondisisile yini indaba abakade

beyifunda. Ngamanye amazwi lokhu kuveza isithombe sokuthi abanye othisha abanalo

ulwazi lokuthi lapho uhlola abafundi ukufunda umbhalo yikuphi okumele ukwenze ukuze

uthole isithombe esiyiso ngezinga abakulo lokufunda umbhalo.

5.2.4.2 ISIBIZELO NENDATSHANA

Kwacaca ukuthi bonke othisha bavumelana ngokuthi ukuhlola abantwana ngesibizelo

nangokubhala yizona zinto othisha abazenzayo ekuhloleni ukuthi abantwana

bayathuthuka yini ngokukwazi ukufunda okubhaliwe. Ukubizela abantwana isibizelo

kwenzeka ngosuku lokugcina evikini, uLwesihlanu. Uthisha ubabizela amagama

anomsindo okade kugxilwe kuwo ngalelo viki. Iningi lalawo magama uthisha usuke

ekade ebanike ngoMsombuluko iviki liqala, abanike wona njengomsebenzi wasekhaya

ukuba bayowafunda, belekelelwa ngabazali babo. Iningi lala magama liba yingxenye

yesibizelo sangoLwesihlanu. Othisha baveza ukuthi iye ibonakale ingane ekade

ilekelelwa ngumzali ekhaya, naleyo ekade ingalekelelwa. Lokhu kubonakala ekwenzeni

kwayo ekuhlolweni ngesibizelo. Nokho-ke nakuba bechaza othisha ukuthi bahlola

izingane ukuthuthuka kwazo kokufunda okubhaliwe ngokuthi bazibhalise isibizelo,

kodwa isibizelo asihloli ukufunda okubhaliwe ngoba lapha basuke bebhala, bengafundi.

Ngamanye amazwi bahlola ukufunda ngokubhala. Isibonelo, uthisha uZanele

180

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!