26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Oluningi ucwaningo lwaluvama ukubheka ukufunda okubhaliwe (reading) nokubhala

(writing) njengezinto ezehlukene, hhayi ulwazi lokufunda nokubhala (literacy), nakuba

luluncane kakhulu ucwaningo oselwenziwe emkhakheni wolwazi lokufunda nokubhala.

Isibonelo, emazweni afana neMelika, iBhrithani, i-Australia kanye ne-Canada,

abacwaningi abaningi babebheka ulwazi lokufunda nokubhala kubantu abadala (adult

literacy). Kanti lolo cwaningo olwalugxila ekufundeni kwabantu abadala lwalubheka

indlela yokusetshenziswa kwalezi zinto, futhi nakhona okwakuhloswe ngakho ukuba

kusizakale abantu bokufika kanye nalabo abangafundile futhi kungabendabuko

(indigenous populations). Kodwa-ke ukufunda nokubhala kwathatha elinye igxathu

ngeminyaka ye-1970, lapho kwase kubhekwa ngokusondelene nokwenzeka esikoleni

kanti nemfundo yothisha yaba ngundabamlonyeni kusukela ngaleyo minyaka (Lankshear,

1999).

Lapho kubhekwa ngeminyaka yokuphela konyakashumi we-1970, kwabonakala ukwanda

kocwaningo kanye nentshisekelo mayelana nolwazi lokufunda nokubhala (literacy)

(Bharuthram, 2006). Lokhu kwenza ukuba abacwaningi abahlukahlukene bayithathe

njengento esemqoka indaba yolwazi lokufunda nokubhala, kanti kwabe sekwanda

nezindlela ezahlukene zokuchaza ukuthi i-literacy ngabe iyini, okwenza ukuthi kugcine

sekunezincazelo eziningi zokuchaza ukuthi ngabe kusho ukuthini ukuthi umuntu unalo

ulwazi lokufunda nokubhala (Bharuthram, 2006). Zikhona nezinye izifundiswa ezithi

ukuba nolwazi lokufunda nokubhala (to be literate) kufanele kuthathwe

njengokusondelene nezomnotho noma okusondelene nokwenziwa ngumphakathi.

UCrandall (1992, 87), ubeka ukuthi izincazelo zakudala ezazichaza ukuthi ngabe kuyini

ukuba nolwazi lokufunda nokubhala “to be literate”, zazikuchaza njengento ongakwazi

ukuyihlola ngqo kumuntu, njengekhono lomuntu lokukwazi ukufunda nokubhala umusho

olula noma kumbe ongeke wakuhlola ngqo, njengokuqeda iminyaka yokufunda

emithathu kuya kowesithupha. Eminyakeni kusukela phakathi nowe-1960, kwabonakala

izindlela eziningi zokuchaza ukuthi isebenza kanjani i-literacy ezindaweni eziningi

ezahlukene. I-UNESCO ihlukanisa phakathi kokufunda nokubhala okuyisisekelo (basic

128

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!