26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

literacy) kanye nokusetshenziswa kwakho (functional literacy) kanti futhi nendlela

echaza ngayo indaba ye-literacy, yiyona eyemukelwayo. Ngokwe- UNESCO Education

For All (EFA) Global Monitoring Report (2006), umuntu onolwazi lokufunda nokubhala

(literate) ngumuntu okwazi ukufunda nokubhala ngokuqondisisa isitatimende nje esilula

ngezinto eziphathelene naye ezenzeka ngokuvamile empilweni yakhe. Ngale ndlela,

kulolu cwaningo lo mcabango usetshenziswe ukuchaza khona ukuba nolwazi lokufunda

nokubhala futhi ube ukuqonda lokho okufundayo kumbe okubhalayo.

4.7.1.1 UBUMQOKA BOKUBA NOLWAZI LOKUFUNDA NOKUBHALA

Ulwazi lokufunda nokubhala lungumgogodla wayo yonke imikhakha yemfundo. Kwenza

ukuthi umuntu akwazi ukufinyelela ezinhlosweni zakhe, akhule ngolwazi futhi akwazi

ukubamba iqhaza emphakathini, njengokuthi nje abambe iqhaza kwezomnotho

nasezintweni eziphathelene nomphakathi, ukuthuthuka komphakathi nezinhlelo

zokulwisana nendlala. Lapho umuntu engakwazi ukufunda nokubhala, akabi yingxenye

yezinto eziningi ezenzeka emphakathini. Ngaleyo ndlela umuntu ukhipheka inyumbazana

futhi azizwe engeyona ingxenye yomphakathi uma engenalwazi lokufunda nolokubhala.

Ngamanye amazwi, kulesi sikhathi samanje ukuba nolwazi lokufunda nokubhala

kubaluleke kakhulu.

4.7.2 UKUFUNDA OKUCATHULAYO NOKUFUNDA OKUBHALIWE (EARLY

LITERACY AND READING)

Ukufunda kwezingane kuqala kudala ngaphambi kokuba ingane iqale imfundo

yasesikoleni, kanti futhi kuyinto eyenzeka kuze kuphele izinsuku zomuntu emhlabeni.

Kungeke kwathiwa umuntu usefike lapho ulwazi lokufunda luphela khona njengoba

kuyinto eqhubekayo, kanti kuphela ngoba umuntu esengene egodini, kube kuqale

ngesikhathi umuntu efika emhlabeni. UCecil (2003) ubala ukuthi emva kokuba ingane

izelwe iqala lapho-ke ukufunda, ithole ukuthi ukufunda okubhaliwe kuyinto eyenzeka

imihla ngemihla. Ngakho-ke uhambo lokuba ingane ikwazi ukufunda nokubhala luqala

ngesikhathi abazali nababheki bayo bekhuluma nayo isencane, beyifundela nezindaba.

129

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!