26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kanti ekilasini likathisha oyedwa, okunguthisha uThandi, nakuba babenza ngendlela

efanayo, kodwa yena wayegxile emsindweni ka ‘hl’. Yingakho nje izithombe namagama

ayefundwa ekilasini lakhe kwakunesimelamsindo/ umsindo ka ‘hl’(Bheka iseleko sesi-9

ezelekweni ngemumva ekhasini lama-360).

6.2.1.2.3 NGOLWESITHATHU

Usuku lwangoLwesithathu nalo lwalungehlukile kangako kolwangoLwesibili. Lokhu

kwakwenzeka kubo bonke othisha ababeyingxenye yocwaningo esikoleni iMbalenhle.

Lapho uthisha eqala isifundo wayeqala ngokuthi ababingelele, bese ethi abeze

ngaphambili abafundi bazofunda amagama abakade bewafunda ngayizolo, njengoba

ayevele ekhona ebhodini. Babewafunda bewaphindelela. Lapho sebewafundile uthisha

wayenamathisela izithombe zamagama amahlanu ababekade bewenza ngayizolo,

bewaqondanisa nezithombe.

Ngalolu suku babewafunda bewaphindaphinda la magama. Emva kwalokhu uthisha

wayenamagama asikiwe ayishumi. Wayenamathelisa igama negama ebhodini. La

magama ayebhalwe ngombala oluhlaza okwesibhakabhaka, bese kuthi umsindo ongu

‘ph’ awubhale ngombala obomvu. Lapho elinamathelisa igama, abafundi babelifunda.

Lokhu kukhombisa ukuthi uthisha wayefundisa ngemisindo kodwa futhi inhloso

kwakuwukuba abafundi bathuthuke olwazini lokubona noma lokuhlonza amagama (word

recognition). Babewafunda kahle abafundi la magama, bewafunda bebonke njengekilasi.

Nanka lawo magama:

Fig. 5 Amagama ayefundwa

1. Uphayinaphu 2. Phaka

4. Iphini 5. Pheka

7. Iphilisi

10. Phuza

3. Iphutha

6. Umphako

8. Phazamisa 9. Isiphethu

11. Isiphuzo 12. Uphaphe

203

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!