26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

T: Nizobhala isipelingi, kumele nithathe ama-exercise enu, ningakhohlwa ukubhala

amagama enu phezulu bese nibhala nosuku lwanamhlanje.

T: Ithini idate yamhlanje?

L: The date today is 12 February 2010.

Wabuye wathi:

T: Siyizwile indaba na? Ikhuluma ngobani?

L: Ikhuluma ngoNkawu noDube

T: Good. That’s right.

Wabuye wathi:

Sizofunda-ke lapho ku-page 23, sifunda yona le ndaba ekade siyifunda. Are you with

me…unami?

Kanjalo nalapha:

T: Kuthiwa uNdumiso wayengasizwa isiNgisi baze bavumelana ngaye udokotela nomama

wakhe ngokuthi kufanele ajove, kanti yena akathandi ukujova. Just open on page seventy

one…ikhasi 71, ikhasi lamashumi ayisikhombisa nanye…that is seventy one.

Kulezi zinkulumo ezicashunwe ezindaweni ezahlukene zikathisha oyedwa,

kuyakhombisa ukuthi ukusetshenziswa kwesiNgisi yinto ejwayelekile, kanti nezingane

akuyona into eziyixwayayo. Lokhu kwenza isiNgisi sibaluleke lapho kufundiswa khona

isiZulu, okuyinto engenzeki esiNgisini ulimi lokuqala. Kwamangalisa ukuthola ukuthi

ulimi lwesiNgisi lubukeka lusemqoka kulezi zikole, nokuyinto ebonakala ngezindlela

ezahlukene. Isibonelo; ngezinsizakufundisa emakilasini, ngolimi olusetshenziswa

ngothisha ngaphandle nangaphakathi emakilasini, izincwadi ezisemtatsheni wolwazi,

imithombo esetshenziswa ngothisha, njalonjalo.

7.2.6 UKUHLOLA ABAFUNDI

Ukuhlola abafundi ukufunda okubhaliwe yinto ababeyenza ngokubabhalisa imisebenzi

eyahlukene othisha. Okwakumangalisa ukuthi lapho othisha behlola abafundi,

babebanikeza umsebenzi obhalwayo kube yiyona ndlela yokubahlola. EMbalenhle lapho

othisha behlola izingane, bakwenza lokhu ngokuthi bazibhalise isibizelo. Isibizelo

singalekelela ekutheni izingane zifunde imisindo kodwa isibizelo sihlola ikhono

lokubhala kumfundi. Kuyamangalisa ukuthi kungani besebenzisa isibizelo njengethuluzi

270

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!