26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

7.2.4 IKILASI NEKHAYA NJENGEZINDAWO EZIBALULEKILE EKUFUNDENI

KWENGANE OKUBHALIWE

7.2.4.1 IKILASI LOKUFUNDELA (THE CLASSROOM CONTEXT)

Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sesibili ukuthi uYoung (2002) uthi ikilasi

yikhaya elikude nekhaya lengane. Ukusho lokhu uYoung ngoba echaza ukuthi ikilasi

akudingi ukuba kube yindawo eyesabekayo enganeni, ikakhulukazi esencane. Kodwa

kunalokho ingane kumele ikujabulele ukuba sekilasini. Njengoba ngike ngachaza

esahlukweni sesibili, ezinye zezinto ezenza ikilasi likulungele ukufunda ukuba umoya

osekilasini ube mtoti phakathi kukathisha nabafundi, phakathi kwabafundi bebodwa,

kuvunguze umoya wothando nokunakekela, njalonjalo (Young, 2002; Kumar, 2007).

Ngaphandle kwalokhu, laba bacwaningi babuye bachaze ukuthi ikilasi phela uma lifana

nekhaya kudingeka libe lihle, lingabi nezimpahla eziyimfucuza njengefenisha

engasebenzi, ukukhanya kungene kahle, lifudumale lapho kumakhaza, liphole kamnandi

lapho kushisa, njalonjalo.

Kwabonakala ukuthi othisha ababefundisa izingane zebanga lesibili nelesithathu kuzo

zombili izikole babenomoya omuhle ezinganeni. Emakilasini lapho kwakufundiselwa

khona ukufunda okubhaliwe umoya wokuthokomala nokuba sekhaya wawukhona.

Isibonelo, othisha babekhombisa ukuqonda ukuthi izingane abazifundisayo zincane

ngakho bangazicasukeli lapho zenza amaphutha noma zehluleka ukwenza

njengokulindelekile. Izingane zazikwazi ukukhuluma ngokukhululeka ekilasini, zibuze,

ziphendule ngendlela ekhombisa ukungabi nakwesaba, zize zigxume zifuna ukuba

uthisha azikhombe ukuba ziphawule noma ziphendule. Ezazingenakho okokubhala

zaziya kuthisha aziphe okokubhala, ongalolile ipeni uthisha amnike, ongenayo injobo

yokucisha aye kuthisha amuphe, njalonjalo.

Kwaphawuleka ukuthi othisha basebenzisa kakhulu indlela yokuncoma izingane,

ukuzikhuthaza ukuba zenze kahle, kodwa bakwenza lokhu ikakhulukazi besebenzisa

isiNgisi. Lokhu zazikuthanda izingane ngoba zazize zishaye ihlombe, nazo zithi: “Thank

you, keep it up, shine”, ukukhombisa ukuthakasela ukunconywa noma ukubongela

265

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!