26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Ngamanye amazwi, abakwenzayo othisha kukhombisa ukuthi bayaqonda ngokusebenza

kwezindlela abazisebenzisayo, nakuba begxila kakhulu kweyokufundisa ngemisindo;

abangakuqondi umphumela wokuzisebenzisa. Lokhu kwavusa umbuzo nabacwaningi

abanjengoJoubert nabanye (2008, p. 91) abake bawubuza wokuthi, kanti ngempela yisona

siphi isizathu sokufundiswa kwengane ukufunda okubhaliwe; kungabe ukuba ingane

ithuthukiswe ekufundeni okubhaliwe, izuze uthando lokufunda imibhalo, ifunde

ngokuqondisisa, noma ukuthi kukhuthazwe ingane ukuba ipele amagama ngendlela

eyiyo, iwaphimise kahle, ithole ukufunda okubhaliwe kuyinto eyisinengiso yini?

Njengoba uJoubert nabanye (2008) bechaza, esinye sezigcwagcwa zendlela yokufundisa

ngemisindo ukuthi yenza ukuba abafundi bathuthuke ekubhaleni isibizelo, kunokuba

bathuthuke ekufundeni okubhaliwe ngokukuqondisisa futhi bakuthokozele ukufunda

imibhalo. Kanti okunye ukuthi le ndlela ikhuthaza izingane ukuba zifunde ngokubala

amagama, okudala ukuthi izinga lokufunda ngokugeleza libe phansi futhi lingathuthuki

masinya. Nokho-ke ukuze ingane ithuthuke kahle ekufundeni okubhaliwe, kuhle kokubili

lokhu kuthuthuke enganeni ngoba phela ukufunda okubhaliwe nokubhala

kuyahambisana. Ukuze ukufunda okubhaliwe kube yimpumelelo kufanele kuhambisane

nakho ukubhala, futhi kuhlanganise namanye amakhono olimi. Kanti futhi nanxa ulwazi

lokufunda okubhaliwe lingumgogodla wokufunda ulimi, kodwa nalo ulwazi lokubhala

luzoyisiza ingane nalapho seyibhala izivivinyo. Lokhu yinto eyayenzeka nangesikhathi

umcwaningi ebuka othisha befundisa. Lokhu kungenxa yokuthi phela ingane isuke izama

ukufunda ‘kahle’ nangokucophelela, iphimisa amagama njengoba kufanele, okuyiyona

nhloso yokusebenzisa le ndlela. Kanti nendlela ye-look-and-say, ayikukhuthazi kangako

ukufunda ngokuqondisisa. Nokho-ke kungeze kwananyathelwa ekutheni yiziphi izindlela

abazisebenzisayo othisha, okubalulekile ukuthi ziyabalekelela yini ukuba bafundise

izingane ngokuthi zithuthuke ekufundeni okubhaliwe.

Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sesibili, uStoicheva (1999) ubeka ukuthi

abantwana kumele bafundiswe ukufunda okubhaliwe ngendlela ye-balanced approach

okuyindlela ehlanganisa i-whole language approach nendlela yokufundisa imisindo

(phonic approach). UStoicheva ugcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi nakuba abantwana

263

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!