26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Lapho befunda, umfundi wayefunda umusho noma imisho emibili uthisha bese emmisa

kuqhubeke omunye lapho agcine khona.

7.2.1.2.4 NGOLWESINE

Emva kokuba uthisha uZandile ebingelelene nabafundi bakhe waba nale nkulumo-

mpendulwano:

T: Konje yimuphi umsindo esiwenzayo kuleli sonto?

T: Ake ungikhumbuze uyazi mina sengiwukhohliwe, yes Thembeka.

L: U-ngw.

T: Yebo, ngu-ngw, oyedwa ngicela asukume eze ebhodini azongikhombisa lo msindo

esifunda ngawo kuleli sonto.

L: ( asukume awukhombe lo msindo, uma ewukhomba uyawufunda)

T: Konje yiliphi igama ebeligqamile endabeni yethu?

L: Ingwenya.

T: Sukumani nizofunda la magama asebhodini.

T: OK, kuhle-ke. Namhlanje sizokwenza imisho ngala magama ebesiwenza, kodwa

ngaphambi kwalokho-ke sizofunda amagama kuqala. Ngizoqala ngaleli qembu (uthisha

uhlukanisa ikilasi liba amaqembu amabili).

L: Iqembu liza ngaphambili ukuzofunda (uthisha usebenzisa induku ukukhomba

amagama afundwayo, aphinde abasize ngezincazelo zala magama, ebasiza

nangokuphimisa kahle amagama. Igama lalifundwa kabili yiqembu, bese uthisha

ekhomba abafundi abambalwa ngamunye ukuba alifunde.

T: Lapho befunda igama elithi uNgwane, uthisha wababuza ukuthi kungani ebhale u-N

ngohlamvu olukhulu.

L: Yingoba isibongo somuntu.

T: Good, yingoba isibongo somuntu.

T: Ake sibheke-ke manje la magama akade siwafunda siqedela ngawo le misho

esebhodini. Awuzukufaka umsindo kuphela kodwa uzofaka igama eliphelele.

Kuyabonakala kule ngxoxo engenhla ukuthi into edingidwayo ngumsindo ka ‘ngw’ kanti

futhi ukufunda amagama nokuwachaza nokwakha ngawo imisho yizona zinto okugxilwe

kuzo kulesi sifundo. Uthisha wayebuye abakhumbuze ukusebenza kwezimpawu

zokukhanyisa ezinjengongqi, ukhefana, umbuzi, nesibabazo. Ngale kwalokhu,

wayebakhumbuza ukuthi ekuqaleni komusho kuqaliswa ngosonhlamvukazi. Kanti

nalapho kuyigama lomuntu noma lesikole noma lendawo uthisha wayebakhumbuza

ukuthi lokhu kuqaliswa ngosonhlamvukazi. Wakwenza lokhu uthisha namaqembu

241

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!