26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

esiqalayo ukuwabona. Kodwa ngenxa yamakhono okufunda okubhaliwe esinawo,

siyakwazi ukuthola izincazelo zalawo magama, sikwazi futhi nokuwasebenzisa

ngokwethu enkulumeni noma ekubhaleni. Ngamanye amazwi abakwenzayo othisha

kukhombisa ukuthi banamathele ezinkolelweni zakudala ngokufundisa ukufunda

okubhaliwe.

Okunye futhi ukuthi ngenxa yezinkolelo ababambelele kuzo othisha ngokufundisa

ukufunda okubhaliwe, basebenzisa izindlela namasu afanayo kuwo wonke umfundi

osekilasini. Isizathu salokhu ukuthi abanalo ulwazi lokuthi izindlela abazisebenzisayo

namasu, kumele kuhambisane nezidingo zomfundi ngamunye ekilasini, okuyinto

eyeyeme ezinkolelweni ababambelele kuzo, njengoba nabo bafunda kanjalo. Ngakho-ke

nanxa uMnyango WezeMfundo ungabalekelela othisha ngokubafundisa ngezindlela

zokufundisa ukufunda okubhaliwe ezingabasiza ekuthuthukiseni abafundi ekufundeni

okubhaliwe ngokuqondisisa, kunzima ukuba bakusebenzise abafundiswa ngakho

ngabeluleki abasuke bethunywe uMnyango WezeMfundo ngesizathu sokuthi

kabakholelwa kulokho ababafundisa khona. Abakukholwayo yilokho okusezingqondweni

zabo, osekunezimpande. Lezi zinkolelo zabo zibenza babone ukuthi izindlela

ezisetshenziswa ukuze umfundi athuthuke ngendlela yokuqondisisa umbhalo zifanelene

nesiNgisi, kodwa hhayi isiZulu, ngoba sona kufanele sifundiswe ngendlela ethile ehlukile

kunezinye izilimi.

8.3 UKUNGABI NOLWAZI OLWANELE KOTHISHA NGENHLOSO

YOKUFUNDA OKUBHALIWE

UNgqongqoshe WezeMfundo yamabanga aphansi (Basic Education) osesikhundleni

njengamanje u-Angie Motshekga ugcizelela ukuthi lapho uthisha efundisa okubhaliwe,

kumele abe nenjongo yokuba ingane ifunde umbhalo ngenhloso yokuwuqondisisa futhi

ithole uthando lokufunda imibhalo ehlukene. Lokhu kufakazelwa nangu-Clay (2003)

obeka ukuthi ukufunda okubhaliwe akusikho nje ukufunda izimpawu nemifanekiso

ukuba kube yimisindo namagama, kodwa kungukuthola umyalezo nokukwazi ukwenza

umsebenzi owunikiwe ngempumelelo, okuyikhona okukhulisa ikhono lokufunda

279

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!