26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

iningi lazo, ikakhulukazi ezamabanga aphansi, azithuthukile kangako

ngokwezidingongqangi. Zimbalwa kakhulu izikole zamabanga aphansi ezisezingeni

elithuthukile ngokwezakhiwo kanye nezidingo. Ngakho-ke kuyinto ejwayelekile ukuba

izikole ezikule ndawo zibe nezinsiza ezimbalwa nje. Nakuba isikole saseMbalenhle

sibukeka singcono ngokwezakhiwo lapho usiqhathanisa nesaseGolide, lapho usungene

phakathi kuncane kakhulu okungumehluko lapho kuziwa ezidingweningqangi. Isikole

saseMbalenhle sasinawo umtapo wezincwadi/wolwazi (library), nakuba kwakuyikamelo

elincane okungeke kwangena abafundi abangamashumi amabili kanyekanye uma

kwakungabe kuhamba ngokuthi bahlala ngokukhululeka. Lo mtapo wawumncane

ngendlela yokut hi zimbalwa izihlalo ezingamabhentshi lapho kuhlala khona abafundi

uma bevakashele umtapo. Lokhu kuveza isithombe sokuthi lobu buncane bomtapo

wolwazi kungaba nomthelela ekutheni izingane zingazi ukuthi emtatsheni wolwazi

kumele ziziphathe kanjani, zihlale kanjani, njalonjalo. Ngamanye amazwi ubumnandi

bokuba semtatsheni wolwazi izingane azibuboni. Lokhu kudalwa ukuthi zihlala

ngokungakhululeki, ingane ihluleke ukuzikhethela ngokukhululeka incwadi eyithandayo

njengoba izincwadi zimbalwa kulo mtapo, kanti futhi ziyimbijana kakhulu ezolimi

lwesiZulu.

Nakuba ngesikhathi sezingxoxo othisha babebeke ukuthi baye baye emtasheni wolwazi,

futhi abafundi bahlala kula mabhentshi babe yisithupha ebhentshini ngalinye,

babambisane izincwadi zokufunda ngenxa yokushoda kwazo, ngesikhathi umcwaningi

eyobabuka befundisa abazange baye emtatsheni othisha nabantwana. Nokho-ke

ngaphawula ukuthi izincwadi eziningi ezazikhona kwakuyizincwadi zesiNgisi nezezinye

izifundo ezibhalwe ngesiNgisi. Zazimbalwa kakhulu ezesiZulu. Kanti ekilasini azikho

izincwadi othisha abake bazinika izingane ukuba zifunde, noma bona bazifundele,

ngaphandle kwezindaba ezibhalwe ngesandla ngepeni elimnyama ababefundisa ngazo.

Lokhu kwakhombisa ukwentuleka kwezincwadi zokufunda kulesi sikole (Bheka iseleko

se-10 ekhasini lama-361 ezelekweni ngemuva).

Esikoleni iGolide ngesikhathi sezingxoxo othisha babengashongo lutho ngomtapo

wolwazi. Ngakho nangesikhathi umcwaningi eseyobabuka befundisa emakilasini,

259

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!