26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ngezinye izindlela. Yingakho nje ngithi ukufundwa kwendaba enjengalena kungaba

nomthelela omubi ezinganeni mayelana nendlela ezibuka ngayo ulimi lwazo.

7.2.1.3.5 NGOLWESIHLANU

NgoLwesihlanu uthisha waqhubeka nendaba kaNdumiso owayengasazi isiNgisi ngoba

yayingaphelanga ngayizolo. Bayiqala phansi ukuyifunda bayifunda yaze yaphela. Uthisha

wabe esebuza imibuzo ngayo. Abafundi babeyiphendula eminye imibuzo, eminye

ibahlule. Emva kokuba sebeyifundile, uthisha wababizela isibizelo. Nanka amagama

esibizelo:

Fig. 26 Isibizelo

uNdumiso, uVuma, umjovo, umninisitolo, amakhonco,

umabonakude, isithohlongwana, wayemnyenyezela,

Kulawa magama ayisibizelo, kuyacaca ukuthi uthisha wayengafundisi ngamunye

ngamunye umsindo, kodwa wayebheka imisindo ehlukene ekwakheni la magama.

Nakhona lapha, kuyaphawuleka ukuthi uthisha lapho ebabhalisa isibizelo wayebahlola

ukufunda okubhaliwe. Lokhu kuhambelana nayekuvezile ngesikhathi sezingxoxo ukuthi

lapho ehlola ikhono labafundi lokufunda okubhaliwe ukwenza lokhu ngokuthi ababhalise

isibizelo. Kuyamangalisa ukwenza kothisha kokuthi lapho behlola izinga labafundi

asebekulo lokufunda okubhaliwe bakwenza ngokuthi babhale isibizelo. Lokhu kusho

khona ukuthi ukufunda kuhlolwa ngokubhala, okuyinto emangazayo. Ngamanye amazwi

othisha abahloli izingane izinga ezikulo lokufunda okubhaliwe, kodwa bahlola ukuthi

ziyakwazi yini ukubhala amagama ngesipelingi esiyiso (Bheka iseleko se-17 ekhasini 389

ezelekweni ngemuva, okungumsebenzi womfundi oyedwa).

7.2.2 UKUSETSHENZISWA KWEZINSIZAKUFUNDISA ZOKUFUNDA

OKUBHALIWE

Njengoba ngike ngachaza, izikole ezabe ziyingxenye yocwaningo zaziselokishini

laseMlazi eThekwini, okuyindawo eyilokishi labantu abansundu. Izikole ezikule ndawo

258

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!