26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

lwasekhaya. Lokhu kwakuzosiza ekutheni aqonde kangcono futhi akwazi ukukuchaza

ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe kula mabanga lapho esehlaziya okutholakele.

3.4 UKULANDELWA KWENKAMBISO ELUNGILEYO YOCWANINGO

Ukulandela inkambiso elungileyo yocwaningo (research ethics), ngaqale ngabhala

izincwadi ngibhalela iziphathimandla/ababhekimasango bezikole (gatekeepers). Kulezi

zincwadi ngangicela imvume yokwenza ucwaningo. Ngachaza isizathu sokwenza

ucwaningo, nokuthi ngangizikhethe kanjani lezi zikole futhi ngasizathu sini. Mayelana

nokukhethwa kwalezi zikole, ngachaza ukuthi ngabheka uhla lwezikole zonke

zaKwaZulu-Natal ku-data base, okwaholela ekutheni ngihlangane namagama alezi zikole

ngenxa yokuthi ngabe ngingazazi, kanti futhi ngangivele ngifuna izikole eziseMlazi.

Njengoba ngike ngachaza esahlukweni sokuqala, ezikoleni zaseMlazi kulapho isiZulu

sifundiswa njengolimi lwasekhaya ezikoleni ngenxa yokuthi yizikole zabaMnyama.

Njengoba ngangifuna izikole ezinjalo, ngabe sengikhetha-ke amagama ezikole ezintathu

zaselokishini laseMlazi eThekwini, nokuyilapho ngangizocwaninga khona

ngokufundiswa kokufunda okubhaliwe kubafundi bamabanga esi-2 nele-3. Nokho-ke

esesithathu isikole angibange ngisaluqhuba khona ucwaningo njengoba kuzochazwa kuso

lesi sahluko isizathu salokho.

Ngaleyo ndlela okwakubalulekile ukuthi ngithole izikole zamabanga aphansi lapho

ucwaningo lwabe luzokwazi ukuqhubeka khona njengokwenhloso. Ngabuye nganikeza

isihloko socwaningo encazelweni yami, ngachaza nangamalungelo alabo ababezobamba

iqhaza ocwaningweni, kumbandakanya nolwazi lokuthi owayezozizwa engasathandi

ukuqhubeka nocwaningo wayenelungelo lokuyeka ukubamba iqhaza ocwaningweni

noma ngasiphi isikhathi lapho ezizwa engasakhululekile ngaphandle komthelela omubi.

Ngachaza nokuthi ulwazi olwabe luzotholakala ocwaningweni lwalungeke lusakazwe nje

noma kanjani kodwa lwabe luzokwaziwa yimina kanye nalowo ongumeluleki wami futhi

luhlale endaweni ephephile enyuvesi kuze kuphele iminyaka emihlanu.

Ngachaza nangokwakuzozuzwa yisikole lapho ucwaningo seluphelile. Kuleso naleso

sikole ngangenza okufanayo, futhi ngingakhulumi ngesinye isikole lapho ngikwesinye.

102

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!