26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

Kodwa manje ukufunda ukufunda okubhaliwe noma umbhalo sekubukwa njengento

ekhulayo, eqala ngesikhathi ingane izelwe (Zimmermann & Hutchins, 2003; Block &

Israel, 2005) ngoba nanoma yini into umzali ayenzayo ekulekeleleni umntwana

ukukwazi ukufunda nokubhala nokuthuthuka olimini ineqhaza elikhulu kumntwana

(Strickland, 2004, p. 86).

Kusemqoka-ke ukugcizelela ukuthi ulimi olukhulunywayo nolwazi lokufunda nokubhala

kukhula kanyekanye kumntwana. Lokhu kuchaza ukuthi lokho umntwana akufunda

ngokulalela nangokukhuluma kuneqhaza okulibambayo ekuthuthukiseni ulwazi lwakhe

lokufunda nokubhala. Isibonelo: ulwazi lwabantwana abancane lokusho imilolozelo

nezilandelo, nokukwazi ukusebenzisa imisindo emagameni akhulunywayo kuyinto

esemqoka neyinkomba yekhono lengane lokufunda ngempumelelo (Strickland, 2004, p.

86). Ngaleyo ndlela iqhaza elibanjwa umzali nomndeni libalulekile. Kanjalo futhi

nothisha nabacwaningi kanye nabadwebi bemithetho balwela into eyodwa, yokusiza

ingane ekutheni ifunde ngendlela eyamukelekile nezoba yimpumelelo, okuyoba yizikhali

zayo zempumelelo yakusasa.

UNeuman (2004) uphawula ngokuthi iqhaza elibanjwa abazali emiphakathini empofu

alifani. Ocwaningweni lwakhe wathola ukuthi kweminye imindeni impilo yayinzima

kangangokuba kwakungelula kubazali ukutholela abantwana izinto ezingabasiza

ekufundeni besesemakhaya. Abanye, noma ngabe babempofu, kodwa babezama

okusemandleni ukuba balekelele izingane zabo ngokufuna usizo bakhe nobudlelwano

nabangabasiza ekulekeleleni izingane zabo ukuze zingabi nobunzima bokufunda

esikoleni (Strickland, 2004, p. 90).

1.15ININGIZIMU AFRIKA NESIKO LOKUFUNDA OKUBHALIWE

20

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!