26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ngaphandle kukankamisa ‘i’. Unkamisa ‘a’ bathi yindingilizi enomsila ngezansi, u ‘e’

yindingilizi evaleke phezulu, u ‘i’ yindoda eqondile enechashaza, u ‘o’, yindingilizi

evalekile, kanti u ‘u’ yindingilizi evuleke phezulu. Kanjalo nasebangeni lesibili, othisha

basebenzisa indlela yecici ukufaka onkamisa kubafundi. Isibonelo: u ‘a’ yicici elivalekile

elinomsila ngezansi, u ‘e’ yicici elivulekile kodwa elivaleke phezulu, u ‘i’ yicici

eliqondile elinechashaza, u ‘o’ yicici elivalekile, kanti u ‘u’ yicici elivuleke phezulu.

Uthisha uJabu ukubeka kanje lokhu enkulumweni yakhe ecashunwe ngezansi:

[Odingilizana/indingilizi necici]Yizindlela zokufundisa onkamisa. Angithi

phela basuke bebhala emoyeni uthisha asebenzise indlela yokuthi basebenzise

igama elithi dingilizi”. Njengokuthi nje uma ebhala u ‘a’, uqale abhale

indingilizi bese efaka umsila, kanti ku ‘e’ leyo yindingilizi evulekile yase

ivalwa maphezulu, kanti u ‘i’ indingilizi eqondile engavalekile elinechashaza,

u ‘o’ yindingilizi evalekile, kanti u ‘u’ yindingilizi esuka phezulu iye phansi

inyuke bese ivuleka phezulu. Kanti uma besebenzisa indlela yecici, u ‘a’ nje

yicici elivalekile elinomsila, u ‘e’ yicici elivuleke eceleni lase livaleka

phezulu, u ‘i’ yicici eliqondile, kanti u ‘o’ yicici elivalekile eliyindilinga, kanti

u ‘u’ yicici’ elivuleke phezulu. Siye bese sifakela izinhlamvu kube amagama

aphelele sibhale umusho kugqame lowo msindo okuyiwona sigxile kuwo,

kube nama- questions, baphendule imibuzo leyo futhi bangaphenduli ngegama

elilodwa kodwa kube yimisho...

Ngale ndlela onkamisa bayabukezwa ebangeni lesibili yize bekade bebafundile isikhathi

eside ebangeni lokuqala. Empeleni umsebenzi webanga lokuqala uyabukezwa wonke,

kuye ngesivinini sabafundi, okuzokwenza ukuba uthisha akwazi ukufinyelela kulokho

abangazange bakufunde besesebangeni lokuqala. Lokhu kwenza umcwaningi azibuze

ukuthi kungani izingane ebangeni lesibili, okungunyaka wazo wesibili esikoleni,

zifundiswa onkamisa kube sengathi azikaze zibafunde. Ngale kwalokhu, okumangazayo

ukuthi uma babefunde ukuthi unkamisa othile yindingilizi ethile ebangeni lokuqala,

kungani bese kushintsha lokhu kube sengathi sekufundwa enye into ehlukile uma

sebesebangeni lesibili? Lokhu kungenza ukuthi izingane zicabange ukuthi lo nkamisa

ezazifunda ngaye ebangeni lokuqala kusho ukuthi akuseyena lowaya, sekungomunye

osho enye into, okuyinto engadala ukudideka kubantwana.

Kuyacaca futhi ukuthi ukufundisa onkamisa kuthatha isikhathi eside njengoba izingane

zibaqala ebangeni lokuqala, kodwa nasebangeni lesibili zibe zilokhu ziphindaphinda

152

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!