26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

engingakaze ngizwe ngayo phambilini; ngimcele ukuba ake athi ukwenaba ngayo ukuze

ngiqonde kahle ngakushoyo, ngibe nolwazi olwanele ngayo. Kanjalo nalapho

ocwaningwayo wabe ezama ukuthola ukuthi uzakwabo utheni ngombuzo ofanayo,

ngangimtshela ukuthi angivumelekile ukwenzenjalo ngoba lokho kuphambene

nenqubomgomo yocwaningo. Ngale kwalokhu, ngafunda futhi ukuthi ngilalelisise lapho

ocwaningwayo ekhuluma, ukuze ngingazitsheli okunye kepha ocwaningwayo ebe esho

okunye. Lokhu kusiza ekutheni kungabi khona ukushayisana phakathi kokushiwo

ocwaningwayo kanye nalokho okucatshangwa umcwaningi.

Ngaleyo ndlela ngahlomula ngamakhono amaningi njengomcwaningi; ngalungela

nezinselelo engangingazilindela lapho sekwenziwa ucwaningo lwangempela. Ngenza

inhlololwazi nothisha ababili, ngabuye ngababukela ngenkathi befundisa. Inhlololwazi

ngayinye yathatha ihora lonke, kuye nangesikhathi okhulumayo asithathayo lapho

ephendula umbuzo ngamunye. Kungalesi sikhathi futhi lapho ngathola khona ukuthi

eminye yemibuzo engabe ngiyisebenzisa, yayiphenduleka ngendlela efanayo, umehluko

kuyindlela eyayibuzwe ngayo. Ngaleyo ndlela lokhu kwasiza ngoba ngabe sengiyikhipha

eminye imibuzo lapho kuzwakala ukuthi ingaphenduleka ngendlela efana neminye.

Okunye engakuzuzayo ngalesi sivivinyo socwaningo ukuthi ngafunda ukuthi eminye

yemibuzo yayingavulekile; okwakwenza ukuba abacwaningwayo ocwaningweni

oluyisivivinyo baphendule ngegama noma ngomusho owodwa omfishane. Ngabe

sengizama ukuyilungisa ngendlela yokuthi iphenduleke ngokuvulekile, umuntu akwazi

ukuphendula akhululeke, aqale noma yikanjani ukuphendula ngendlela ezozwana naye,

ngize ngeneliseke ukuthi usekushilo konke akucabangayo ngaphandle kokuvinjwa

yindlela umbuzo obuzeke ngayo. Sengiqedile ukuqoqa lolu lwazi ngahlaziya

okutholakele, ngisebenzisa izindlela zokuhlaziya engangizozisebenzisa ocwaningweni

lwangempela. Kungalesi sikhathi-ke lapho ngathola khona amakhono okuhlaziya

okutholakele, ngiphinde ngibike ngakho kuzwakale kahle.

106

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!