26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

Kule nkulumo kuyacaca ukuthi akubi ukufundela abantwana indaba kuphela, kodwa

ukubaxoxela indaba nakho kuyenzeka ngaphambi kokuba uthisha abafundele yena

ngokwakhe ngenkathi abafundi bemlalele efunda.

5.2.3.2.4 UKUFUNDA NJENGEKILASI, NGOKWAMAQEMBU, NGABABILI, NANGAYEDWA

Ukufunda njengekilasi, ngokwamaqembu, nangamunye kwenzeka zonke izinsuku. Lapho

befunda njengekilasi uthisha usebenzisa induku ukukhomba ebhodini noma eshadini.

Uthisha uyababiza basondele eduze kwebhodi ukuze babone kahle, wonke umfundi

akwazi ukubona ebhodini lapho kufundwa khona. Lapho befunda njengekilasi bakwenza

lokhu bephindaphinda, ngenkathi uthisha ebahola phambili. Abakufundayo kulekelelwa

nayizithombe. Lapho sebefunde waneliseka uthisha, uye akhombe abafundi ngabathathu

noma ngabane ukuba bafunde kanyekanye.

Ngesikhathi besephambili ebhodini, uthisha ukhetha abafundi ngabathathu noma

ngabane, kuye ngenani labafundi abakulelo kilasi ngoba kuyenzeka abakhombe ngababili

ukuba bafunde kanyekanye. Ngesikhathi befunda, basuke vele bengakasuki ebhodini,

beseduze. Ukhomba ngenduku ukuba bafunde, enze kanjalo baze baphelele bonke.

Uthisha uyaye aqiniseke ukuthi bonke abafundi balitholile ithuba lokufunda.

Emva kokuba uthisha esekhombe abafundi ngokwamaqembu kumbe waphinde

wabakhomba ngababili, uye akhombe umfundi ngamunye ukuba afunde ngesikhathi

emkhombela. Lapho umfundi esefundile, ubuyela endaweni yakhe ahlale phansi edeskini

lakhe. Ubakhomba kanjena ngamunye umfundi baze baphele bonke eduze kwebhodi

ngoba osefundile uyasuka ayohlala phansi. Lapho sebephele bonke, kungesikhathi

sebezobhala umsebenzi abanika wona ezincwadini zabo. Uthisha uNtoko uchaza kanje:

Bafunda ngokuthi bathole ulwazi , bafunda imisindo emisha, bafunde

nokuthi ibizwa kanjani bese befunda nokubhala. Uthisha udweba isithombe

ebhodini esinegama elinalo msindo afuna ukuwufundisa, ababuze ukuthi

babonani. Bese beyasho ukuthi babonani. Ngibe-ke sengithi abangiphe

amagama aqukethe lo msindo omusha engikade ngiwethula. Igama negama

abanginikeza lona ngilibhala ebhodini, emva kwalokho bayawafunda

amagama asebhodini baqala bafunde beyikilasi, bafunde ngamaqembu bese

177

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!