26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

ekufundiseni ukufunda emabangeni omathathu esifundo (ngaphambi, maphakathi

nendawo, nangemva kokuphela kwesifundo).

2.5.1 AMASU ASETSHENZISWA NGAPHAMBI KOKUFUNDWA KOMBHALO (PRE-

READING STRATEGIES)

Amasu asetshenziswa ngaphambi kokuba umbhalo uqale ukufundwa alekelela umfundi

ukuba athole izithombe ngokuzokwenzeka embhalweni, kuthi nalokho obekunganika

ingane inkinga, kuxazululeke ingakangeni embhalweni ezowufunda, bese kuba lula

ukuwulandela. Lokhu kwenza ukuba ingane ibuyise embhalweni lokho ekwaziyo,

ezodinga ukuba ikuqhathanise nolwazi ezoluthola embhalweni (AD-Heisat et al, 2009, p.

312). Uthisha ubamba iqhaza elibalulekile kunoma yisiphi isigaba sesifundo lapho

kufundwa khona umbhalo, elekelela ingane ukuba ikhumbule okuthile ekwaziyo

okuzodingeka lapho isifunda umbhalo (p. 312).

2.5.1.1 UKUBIKEZELA (PREDICTION)

Lokhu kusho ukuthi ingane iqagele noma ibikezele ukuthi kuzokwenzekani embhalweni,

kodwa futhi lokhu kungasebenza nalapho ukufunda kuqhubeka, kungagcini nje

ngaphambi kokuba kuqale ukufundwa umbhalo. UJoubert nabanye (2008, p. 116) lapho

bechaza lokhu bakuchaza kanje:

if a learner can predict what will happen next from what he has

read, it implies that he can deduce meaning. This strategy can be

applied only if the reader understands what he has read and

understands how one incident can lead to the next…

Ngakho-ke kubalulekile ukuthi izingane zinikezwe ithuba lokuzifundela, zizitholele zona

ngokwazo umlayezo osendabeni, zingatshelwa nguthisha ngokuzokwenzeka embhalweni.

Lokhu kusiza ekwenzeni abafundi babe nelukuluku lokuwufunda lowo mbhalo.

80

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!