26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

I- Teachers Handbook for Teaching Reading in the Early Grades (2007) iyakugcizelela

ukuthi abantwana kumele bazi ukuthi isimelamsindo singabhalwa njengomsindo

oluhlamvu olulodwa noma kumbe ube yiqoqwana lezinhlamvu. Isibonelo, u-

‘ng’uyinhlanganisela yezimelamsindo ezingo- ‘n’ nomsindo u‘g’, kanti futhi lezi

zimelamsindo zingakwazi ukusebenza ngazodwa u ‘n’ angahambi no ‘g’, kodwa lokho

akusho ukuthi kobe kunikeza izinhlamvu ezifanayo noma ezenza umsebenzi owodwa.

Okungalekelela ekufundiseni ulwazi lwezimelamsindo, kanye nemisindo, yimisebenzi

efana nezinkondlo, imilolozeo, kanye namaculo. Lokhu kungenziwa ezingeni lokufunda

igama eliphelele nezinga lomusho (DoE, 2008c).

4.7.4.1.2 ULWAZI LOKUHLONZA/ LOKUBONA AMAGAMA (WORD RECOGNITION: PHONICS AND

SIGHT WORDS)

Ulwazi lokuhlonza noma lokubona amagama (word recognition) lusho amakhono

adingwa umfundi wombhalo ukuze akwazi ukufunda ngisho namagama angawazi.

Abantwana kudingeka ukuba bafundiswe ukukwazi ukuhlonza amagama bazi

nezincazelo zawo ngoba lapho kufundiswa lokhu, kuthuthukisa ikhono lokufunda

ngesivinini nakwamanye amagama, akwazi umfundi ukuwabona azi nezincazelo zawo,

ngaleyo ndlela isivinini sokukwazi ukubona amagama nokuwahlonza, sithuthuke

(Pressley & Hilden, 2006, p. 57). Okuyizinto ezisemqoka ngolwazi lokuhlonza amagama

yimisindo kanye namagama angafundeka noma afundekayo (sight words). Igama elithi

phonics ngamanye amazwi lichaza ukufunda igama ngokulihlukanisa ngezinhlamvu

ezincane (syllables and letters). Kubantwana ukuze babe naleli khono, kudingeka ukuthi

bafundiswe imisindo. Ukufundisa imisindo kufundisa abantwana ukuba bakwazi

ukuqondanisa umsindo nohlamvu nokuba bakwazi ukusebenzisa lolu lwazi ukufunda

okubhaliwe nokuphimisa amagama abawafundayo.

Injongo yokufundisa imisindo nezimelamsindo ukunikeza umfundi amathuluzi okukwazi

ukufunda okubhaliwe (to decode) (DoE, 2008c, p. 13). Kungenzeka bangaqondi

amagama abawafundayo, ikakhulukazi uma ebhalwe ngolimi okungelona olwabo.

Nokho-ke ukufundisa imisindo / izimelamsindo kubaluleke kakhulu ekufundiseni

abantwana ukufunda nokubhala, okunenhloso yokuqondisisa okufundwayo, hhayi

140

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!