26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

Create successful ePaper yourself

Turn your PDF publications into a flip-book with our unique Google optimized e-Paper software.

kuphela, kodwa nomuntu omdala uyafunda ekunoma yisiphi isigaba sokukhula.

UFlanagan (1995) uphawula nangokuthi abantu abayeki ukufunda (to learn) ukufunda

okubhaliwe, bakwenza lokhu impilo yabo yonke baze bafe, ngenxa yokuthi umuntu

ngeke nje athi usazi konke ngokufunda okubhaliwe. Ngamanye amazwi asikho isigaba

lapho ukufunda ukufunda okubhaliwe (learning to read) kuphela khona, kume kungabe

kusenzeka (Joubert et al, 2008, p. 84).

Yize ukuthi i-interactive model ihlanganisa kokubili i-top down kanye ne-bottom up,

ithatha lokhu okuyizimpawu ezinhle zawo omabili la mamodeli. Kungenxa yalesi

sizathu-ke ukuthi le modeli yaziwe ngokuthi iyinjulalwazi eyingxube (combination

theory). Ngale ndlela uRumelhart ubeka ukuthi i-interactive model ayiyona i-bottom up

model futhi ayiyona i-top down, iyinhlanganisela yakho kokubili (Tracy & Morrow,

2006, p. 139). UMcCormick (1988) ubeka uthi: “An interactive reading model attempts

to combine the valid insights of bottom-up and top-down models”. Kanjalo noTracey

benoMorrow (2006) bagcizelela ukuthi:

The interactive model attempts to take into account the strong points of the

bottom-up and top-down models, and tries to avoid the criticisms levelled

against each, making it one of the most promising approaches to the theory

of reading today.

(Tracey & Morrow, p. 138)

Ngenxa yalesi sizathu esibalwe ngenhla, i-interactive model ithatha ngokuthi kokubili i-

bottom-up ne-top-down model kunokuthile okubalulekile ngakho, ekwaziyo ukukuthatha

ikusebenzise. Ngokwe-interactive model, ukufunda umbhalo kusho ukwakhiwa

komqondo wokufundwayo ekilasini, lapho uthisha efundisa, abantwana bafunde (Ruddell

& Unrau, 1994, p, 998), lapho okumqoka kuba nguthisha, umbhalo ofundwayo, kanye

nomfundi (Ruddell & Unrau, 2004, p. 1464). Ngesikhathi kufundwa ekilasini, abafundi

bombhalo basebenzisa ulwazi abanalo kanye namakhono abo okufunda izinhlamvu

namagama kanye nemisho (their decoding abilities) ukuthola umqondo wokuqukethwe

ngumbhalo. Ngesikhathi kwenzeka lokhu, lezi zingxenye ezintathu, okunguthisha,

62

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!