26.02.2013 Views

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

isahluko 1 - UKZN ResearchSpace - University of KwaZulu-Natal

SHOW MORE
SHOW LESS

You also want an ePaper? Increase the reach of your titles

YUMPU automatically turns print PDFs into web optimized ePapers that Google loves.

ukuze kucace indawo ami kuyo ezincazelweni ngemicabango ethile, efana nakho

ukufunda umbhalo/okubhaliwe, njalonjalo. Okunye okungenzeka ngohlaka

lwemicabango ukuthi umcwaningi angasebenzisa imodeli evele ikhona esike

yasetshenziswa phambilini ngabanye abacwaningi, kodwa yena bese eyishintshashintsha

ukuze ivumelane nolwakhe ucwaningo.

I-Answers.com (2009) ibeka ukuthi uhlaka lwemicabango lwenzeka lapho umcwaningi

ehlanganisa imicabango evele ikhona ocwaningweni olwake lwenziwa ukuze athole

ukwesekela okudingwa yimibuzo yocwaningo. Uma sekwakhe kwaba khona umcwaningi

osewake wazama ukuhlanganisa leyo micabango nocwaningo olusemthethweni, lokho

kusho ukuthi wayekhanda uhlaka lwenjulalwazi okumele lusetshenziswe njengebalazwe

elivele selidwetshiwe (ready-made map) kwabanye abacwaningi ukwesekela ucwaningo

lwabo.

Ngakho-ke, kulolu cwaningo, uhlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango

kusetshenziswe, ukuze nenjulalwazi esetshenzisiwe ithole ukwesekelwa ngohlaka

lwemicabango. Kanti futhi kulolu cwaningo lokhu kuzosiza nalapho leyo njulalwazi

ekhethiwe ingazange iphawule ngeminye imicabango ebalulekile kulolu cwaningo.

Ngakho-ke kulesi sahluko, imicabango engumgogodla walolu cwaningo izochazwa.

Lokhu kuzoveza ukuthi umcwaningi yena uyiqonda kanjani leyo micabango njengoba

isetshenzisiwe ocwaningweni. Ngaphandle kokukhomba indlela ezohanjwa

ngumcwaningi, ngohlaka lwemicabango, umcwaningi uyakwazi ukukhombisa

ubudlelwane ngemicabango noma ngamagama athile ahlukene adinga ukuwahlola

ocwaningweni (Khan, 2004, p. 11). Ngezansi kuzoba yingxoxo ngemicabango eminingi

ebalulekile kulolu cwaningo.

124

Hooray! Your file is uploaded and ready to be published.

Saved successfully!

Ooh no, something went wrong!